INCWADI YEZIKHALAZO ZETHU: WEDNESDAY 14 SEPTEMBER 2005

INCWADI YEZIKHALAZO ZETHU
WEDNESDAY 14 SEPTEMBER 2005

Thina abahlali base Ward 25, nabasekeli abahambelana nentando yeningi, nabahlali abahloniphekileyo base Ningizimu Afrika, siyazi ukuthi lelizwe licebe ngoku thathwa kwemhlaba yethu nokusebenza kwethu amaplazini, emafekri, emakhishini nase malondolo ezicebi. Angeke zikwazi ukuqhubeka nokuhlupheka ngaloluhlobo, kepha sizo bumbana kulezikhalazo zethu ezilandelayo:

Sesiside lesikhathi imiphakathi yethu iphila emizini engekho emithetweni ne ngaphansi kwezinga. Futhi sesiside isikhathi sathembiswa imihlaba, kepha izithembiso zethu zingagcinwa. Ngakho, ke sifuna imihlaba esilungele, nokuhlala emizini ephephile, enempilo nesizotha.

Imiphakathi yethu isidlavazekile ukuhlupheka, ngakho ke sifuna uhulumeni asinikeze amathuba emisebenzi esiwudingayo kakhulu. Kani futhi okhokhela ngokwanele futhi onesizotha.

Kulaba abethu abahlala emafulethini kamasipala nakwimizi engaphansi kwesinga, sithola ukuthi umasipala ukhokhisa umphakathi imali engaphezulu kwamandla awo. Ngakho ke sifuna ukuthi izikweletu zethu zokurenta zisulwe.

Uhulumeni wethu usibukela phansi futhi ukholelwa ekutheni ngoba singesizona izicebi azikaze ukuyithola inhlonipho yakhe, nje ngohulumeni. Ngako ke, thina sifuna ukuthi kubekhona indlela ehambisana nama lungelo entando yeningi nobuzwe.

Umphakathi wethu uhlukumezekile kabi ngezinto ezifana nobugebengu, amaphoyisa anobandlululo ngokwebala kanye nezingozi ezibalulekile ezithinta imvelo. Ngakho ke sifuna indawo ephephile enokuthokomala esingasebenza kuyo, sidlale, siphinde sihlale kuyo.

Abantu abaningi emphakathini wethu banempilo engeyinhle kanti futhi sonke siyathintakala uma kukhuluywa ngegciwane lesifo sengculazi (HIV/AIDS). Ngakho ke, sifuna abasebenzi bezempilo abafundile ngokwanele.

Intsha yethu iyikusasa lomphakathi wethu kepha ayinalusho olutheni ngekusasa layo. Ngakho ke sifuna izidingo zentsha yomphakathi wethu zinakekelwe, sifune nokuthi laba abangenayo imali yokukhokha ezikolweni bangabandlululwa.

Nalababethu abahlala emafulethini kamasipala sithola ukuthi usikhokhisa intele ebiza kakhulu. Ngakho ke sithi kufanele ehlise intele yalabahlali.

Kukhona abanye bethu abanogesi namanzi kodwa abahlulekayo ukuzikhokhela lezi zidingo. Kungakho sifuna lezidingo zibe mahhala kulabo abampofu.

Kuyilungelo lethu ukuba sithole izidingo zethu ezibalulekile emphakathini. Ngakhoke siyazifuna lezizidingo, sifuna izindlu zokuzikhulula ezilungile, nokuthi kulandwe imigqomo kadoti, nama paki amahle omphakathi nokuthi uhulumeni anakekele izintandane ezigcinwe emakhaya ezingane nalezo zingane eziphethe imizi yasemakubo.

Njengoba abantu ndawo zonke bebumbene benathi kulobunzima bethu esinabo, nathi futhi sinabo njengama-combrade ethu. Sifuna ukuwazisa lama-combrade ukuthi silokhe simi nawo njalo ekuphikisaneni nomasiphala waseThekwini, okhipha abahlali basemafulethini ezindlini zabo. Lama combrade akulezindawo; Chatsworth, Crossmoor, Marianridge, Merebank, Shallcross ne Wentworth. Sizo qhubeka nokubambana kwethu njengabahlali baseNingizimu neTheku ukulwa, nokucwaswa kwemvelo; nokuphikisana nokuthi abafundi abampofu babandlululwe ezigabeni zase maTechnicons namaNyuvesi. Ngosizo namandla eWestern Cape Anti-eviction Campaign ezokulwa nokukhishwa kwabahlali emizini yabo kanye nokuthi bathole izidingo zabo ezibalulekile zomphakathi. Futhi siyazi ukuthi kukhona ama-combrade alwa nokutholakala kwemihlaba, imizi, imisebenzi, imfundo, ezempilo, ukuphepha namalungelo entando yeningi. Sifisa ukuphakamisa loludaba lukaMnu. Fred Wagner wakwi Eastwood Community Forum yaseMgungundlovu, ukuthi seziyazi ngekusongelwa kwakhe nokuzama ukumcekela phansi lomnumzane. Khepha thina sifuna kumazisa ukuthi silokhe sinaye, nanoma ubani omunye ozithola esenecala ngokumela amalungelo alaba abahluphekile.

Ngokwehluleka kwakhe uMnu Baig, ngokusebenzisana kwakhe nabasondelene naye, no kwehluleka kwakhe kokusinikeza izidingo zethu ezibalulekile. Kanye nokuma kwakhe emuva kwalaba abanamashishini ngaphekwethu esihluphekile. Nokuphinde abukele abampofu namalungelo abo entando yeningi phansi. Ngakhoke thina sifuna ukuthi umphathi wesigcawu uMnu. Yacoob Baig, onomulando omude impela kwezepolitiki futhi nowa sebenzela uhulumeni wobandlululo, afake isicelo sakhe sokushiya esikhundleni emavikini amabili azayo. Uma uMnu. Baig ehluleka ukushiya phansi isikhundla sakhe, sicela ukuba i-Ward 25 ingabi nawo umphathi wesigcawu.

————————————–