UMlaba uqamba amanga kwabanhlempu

UMlaba uqamba amanga kwabanhlempu

EThekwini, KZN: Namhlanje uSobaba uObed Mlaba ubefanelwe to ukuhlangana nebamele Abahlali Base Mjondolo esakhiweni sasePemary Ridge eReservoir Hills. UMlaba wathunyelwa ngesikhahlamezi imibuzo ebekufanele ayiphendule kulomhlangano (bona kuAnnex 1). Abantu bakuzozonke izakhiwo eziyishumi nane ezingabalingani base Abahlali Base Mjondolo bebewulindele kabi lomhlangano. Kodwa ihovisi likaMlaba liwukhanselile lomhlangano (bona uAnnexe 2).

Akukona okokuqala ukuthi abaphathi bakaMasipala batshele abantu abanhlwempu baseThekwini ukuthi bayeza kodwa bababambise ophathe. Ngempela, imihlangano isikhanselwe izikhathi eziyisishagalolunye kulezizinyanga ezimbili ezedlule. Sekuphele iminyaka eyishumi yezithembiso ezaphuliwe nenkulumo engathi shu ngaphambi kwalokho. Zonke izakhiwo ezingamalunga base Abahlali Base Mjondolo zathenjiswa umhlaba cishe kufike eminyakeni eyishumi, kodwa akukho okubonakalayo kwezithembiso.

“Sesizilungele izingxoxo, kodwa uMlaba ulungele ukuqamba amanga”, kusho uS’bu Zikode, usihlalo wase-Abahlali Base Mjondolo. Ebhekise lukemashi eyanqatshelwa ngokungemthetho uMphathi weTheku, uDr Mike Sutcliffe, uZikode uqhubeke wathi, Imashi yethu yanqatshelwa, manje nezingxoxo zethu zinqatshelwe. Kufanele siziphonse olwandle?”

UZikode ubona ukuthi lolukhetho oluzayo lukaMasipala ilona elenze uMlaba eziphathe ngalendlela. “Inhloso yabo ukuqhubeka kanje kuze kushaye mhlazizinye kuMashi.”

Ukukhuluma kukaMlaba nabezindaba bekukhombisa ukuthi ukuphela kwezinkinga zalabo abahlala emjondolo sekuseduze, ngokumemezela ngesivumelwano (sabo) nabanikazi bomhlaba weTheku , uMoreland. “Uyakwabezindaba, akhulume ngezigidgidi zamarandi. Kodwa masebethumela izikhulu kithina sithola ukuthi ayikho into enjalo. UMlaba ufuna ukubukeka kahle emphakathini, kodwa uyehluleka ukumela amazwi akhe.”

“Sesihlanangane izikhathi ezimbalwa nemsizi womphathi weTheku, fuhti sasinemibuzo ngesivumelwano neMoreland, ngezakhiwo zethu, nangeminye imihlaba esasingahamba siyohlala kuyo. Sasilindele ukuthi yonke imibuzo yethu ukuthi iphendulwe – nini, kanjani, ezingaki, isiphi isithembiso esingabanaso ukuthi bakhuluma iqiniso?”

Abahlali Base Mjondolo baxaxekile nguMasipala. “Singenzenjani ngoMlaba ukuhlonipha Abahlali nokuhlonipha amagama ache? Sesikulungele ukulalela, sesikuluingele ukwenza. Asindaba nokubuyela emgwaqeni futhi. Sesiyakhuthazeleka ukwenza lokho. Ngesikhathi esilandelayo lapho uMbeki efune ukwazi ngabantu abangaphandle abasenza simashe, kofanele abuze uMlaba. Akekho omunye ngaphandle kwakhe owenza sense lokho ngaphandle kwakhe. Kufanele azi ukuthi sifigqa imikhono yethu ukuphindela emgwaqeni. Ngoba yilona kuphela ulimi aluzwayo,” kusho uZikode. “Sibiza uhulumeni wesifundazwe nowezwelonke ukungenelela ukusisiza kuMasipala ukuthi lemibuzo yabahlali iphendulwe.”

Eqhubeka uZikode, “Wonke umuntu ubhekelele uKhisimuzi, lapho wonke umuntu usuke ebusa. Manje uMlaba wenze owethu uKhisimusi wabamuncu, kusobala, njengesijeziso. Ngicabanga ukuhti kungubuntu ukuhlonishwa, akufenele size sikucenge.”

“Ziphi izinhlangano ezilwela amalungelo esintu, amakhonishani nezinhalngano ezingaphandle kukahulumeni ezizimele, ngenkathi uMlaba esebenzisa izimali zikahulumeni ukusicindezela? Bazosabela nini uma izigwili zibukisa ngabanhlwempu? Bangaki oMhlengi Khumalo okufanele bafe ngemililo yasemjondolo? Akulona iqiniso ukuthi kufanele sibolele emjondolo kanje. Kufanele sisukume.”

Contact details

Mnikelo Ndabankulu, Foreman Road Development Committee, 073 565 6241
Lungisani Jama, Foreman Road Development Committee, 082 259 5443
Philani Dlamini, Foreman Road Development Committee, 072 962 9312
Fikile Nkosi, Pemary Ridge Development Committee, 084 250 1446
Moses Mncwango, Jadhu Place Development Committee, 076 225 0260
S’bu Zikode, Chair, Abahlali base Mjondolo, 083 547 0474

S’bu Zikode, Chair, Abahlali base Mjondolo, 083 547 0474

————-
Annexe 1:
Imibuzo eyayithunyelwe ngesikhahlamezi kuSobaba uMlaba ivela kuba – Abahlali Base Mjondolo njengokuyalelwa uSobaba.

Abahlali base mjondolo
c/o Mr S’bu Zikode
Kennedy Road Development Committee
PO Box 26
Umgeni Road
4098

Tel: (031) 269 1228
Fax: (031) 269 3749
Cell: 083 547 0474

IYA: KUSOBABA WETHEKU UMHLONISHWA UOBED MLABA

IQHAMUKA: KU-ABAHLALI BASE MJONDOLO

IMAYELANA: NEMIBUZO EYOFAKWA KUSOBABA MHLA EFIKA EPEMARY RIDGE SETTLEMENT

Usuku: Ngesonto mhlaka 27 November 2005

Inombolo yamakhasi isihlangane naleli: amane

Mnumzane Mlaba

Sikulindele kakhulu ukuza kwakho ezakhiweni zasePemary Ridge futhi sethemba ukuhti ukuza kwakho kuyohlandla indlela engcono eya phambili phakathi kwabahlali basemjondolo kanye noMasipala. Sicelwe ukuba sizilungiselele ngesizokubuza kusenesikhathi. Sibenezingxoxo ezijulile singumpakhathi mayelana nemibuzo esizokubuza yona.

Ngaphambi kokuba sibale imibuzo yethu , sithanda ukusho ukuthi imithetho ephambili ebusa lesisizinda sethu idinga ukuthi sinake lokhu :

1. Imithetho ephambili kubahlali basemjondolo.

1.1 Isikhathi esiningi kuhlala imindeni eyevile kowodwa ngomjondolo ngakho-ke sidinga indlu eyodwa ngokomndeni hayi ngokomjondolo. Izindlu kufanele zibhekelele isibalo isibalo samalunga omndeni.
1.2 Kubantu abaningi ukusuka kulendawo baye kwezinye kuzodala izinkinga ezinkulu ngakho-ke kudingeka ukuthi kubekhona intuthuko lapho abantu behlala khona. Intuthuko yalapho abantu bahlalal khona yoyona ebaluleke kakhulu kithina, ukwakhiwa kwezinye izindawo ezisesondele okwesibili okubalulekile besekuhti ukuhtuthelwa kwezinye izindawo kubengokokugcina kwizinto ezibalulekile kuthina.
1.3 kukhokonke kubalulekile ukubhekelela abasebenzi basendaweni. Abantu bendawo kufanele bathole ukuqeshwa nokuthuthukiswa kwamakhono ukuze bakwazi ukusebenzisa amathuba aqhamuka netuthuko. Amathuba osomabhizinisi bendawo kumele angenele ezinhlanganweni zendawo.
1.4 Kukhokonke kufane kubekhona izinhlelo eziqhubekayo zokuhlanganyela kwabantu ngokuhlelwa kothuthukiswa kwezindlu. Izinhlanga ezimele lokhu kufanele zibafake nAbahlali basemjondolo. uMasipala, ababonisi, abathuthukisi kanye nabezinkontileka.
1.5 Sidinga izikhathi ezicacile kanye nemidati ngazo zonke izinqumo ekungenwa kuzo kanye nemibuzo ebuzwa kuMasipala.
1.6 Imininingwane esetshenziswa ngesibalo sabantu sesisidala ngakho-ke sidinga ukuvuselelwa. Sidinga kwenziwe ucwaningo olusha eligxile ngokusebenzisana kakhulu nomphakathi.
1.7 Noma isidingo sezindlu ezanele kanye nezidingogqangi zibalulekile kakhulu, kunjalo nokudinga imisebenzi – kuyoba yizeleze kubobonke abathintekayo uma izindlu ezintsha ziyohlala zinezinkinga zokucishelwa ugesi namanzi nokuxoshwa kwabantu emizini ngenxa yokuthi abakwazi ukukhokha. Ngakho-ke intuthuko kumele ihambisane nokudalwa kwemisebenzi, nesiqisiseko sokuvikela abampofu ukuthi bangacishelwa ugesi namanzi futhi baxoshwe emizini yabo.
1.8 Sikholelwa ngokugcwele kumalungelo omphakathi kanye nawezomnotho njengokushicilelwa kwawo kwiConstitution yaseRepublic yaseNingizimu Afrika efaka ukuhti, noma ingami lapho ekutheni, ilungelo kumanzi, izindlu, imisebenzinoma ukuqashwa, inkululeko yokukhuluma kanye nokuzihlanganisa nokuhlonipheka.

2. Imibuzo ebheke ngqo kuMasipala ngohlelo lokuthuthukiswa kwezindla

2.1 Zingaki izindlu uMasipala ahlele ukuzakha?
2.2 Uhlele ukuzakha kuphi izindlu uMasipala?
2.3 Uhlele ukuzakha nini izindlu uMAsipala?
2.4. Ngabe uhlelile yini uMasipala ukuthi untuthuko ezobakhona yenzeka ngokuhleleka futhi ezoqhuba amathuba okuhlala exhumene nomphakathi ukuthi ubambe igqaza?
2.5 Zikhona izinhlelo uMasipala ezenzayo ukuthi abasebenzi bendawo abayosetshenziswa ekwakhiweni nokuthi bayoholelwa kahle futhi baqashwe ngaphansi kwezimo ezamukelelekile?

2.6 Zikhona izinhlelo uMasipala anazo zokufundisa abahlali basemjondolo amakhono adingekayo ukusebenza kulokwakhiwa?
2.7 Iziphi izinhlelo eziyokwenziwa mayelana nokulethwa kanye nokukhokhelwa kwamanzi, ukuhlanzwa, ukuthuthwa kwemogqomo kadoti kanye namarates kulentuthuko entsha?
2.8 Zobakhona izikole, amapaki, amaholo omphakathi, izindawo zabasha, imitapo yezincwadi, imitholampilo, indawo yezitshalo, izindawo zokudayisela nezindawo eziyobekelwa unobhutshuzwayo kanye neminye imidlalo, izindawo zokukhonzela kulentuthuko entsha?
2.9 Iziphi izinhlelo uMasipala azoqikelela ngazo ukuthi abahlali basemjondolo bazohlanzelwa izindawo zabo, ukubuthwa kukadoti, amanzi, kanye nogesi ngesikhathi belindele intuthuko?
2.10 Iziphi izinhlelo ezenziwe ezokwzi ukuhlukanisa umhlaba wakuWard 23 naku 25, kanye nokuthi uMasipala athenge umhlaba noma awu-exprorpiate?

3. Ukuthuthukiswa kweMoreland

3.1 Sizotholanini imininingwane engcwele fuhti ebhaliwe mayelana nokuvumelana phakathi kukaMasipala kanye neMoreland?
3.2 Zingakhi izindlu ezikwakhelwa abahlali basemjondolo, fuhti kuyobanhloboni yezindlu?
3.3 Abanjani okuyofanele bahlale ezindlini? (Iziphi izimfanelo eziyodingeka ukuthi abantu bathole izindlu?)
3.4 Kuyohlelwa kanjani ukubaluleka kokungena endlini?
3.5 Kuyokwenzenjani kubantu abanafanele bangene ezindlini?
3.3 Zobangakanani izindlu?
3.5 Zobangakanani iziza? Ziyokwazi ukutshala izimfino, intuthuko iyobhekelela ngezingadi zomphakathi, izifakelo, ukuqeqeshwa nokuvulelwa amathuba okudayisa, ukutshala ukutshala ukudla kuleziziza?
3.6 Iziphi izinhlelo eziyokwenziwa mayelana nogesi, namanzi, nokuhlanzwa kanye nokuthuthwa kukadoti?
3.7 Zobakhona izikole, amapaki, amaholo omphakathi, izindawo zabasha, imitapo yolwazi, imitholampilo, izingadi, idinawo zokudayisa nezindawo zemidlalo njengonobhutshuzwayo nezindawo zokukhonza?
3.8 Zikhona izinhlelo ezenziwe zokuthi uphakathi nawo uhlanganyele ekuhlelweni nasekwenziweni kwalentuthuko?
3.10 Zobakhona izinhlelo zokuhto abahlali basemjondolo nabo kiqinisekiswe ukuthi nabo bayothola umsebenzi kulentuthuko kanye nokuqeqeshwa okufanele ukuze baqasheshelwe ukusebenza?
3.11 Ziyobakhona izinhlelo eziyokwenziwa ukuxhasa uhambo ukusuka ezakhiweni kuyiwa edolobheni? (izitimela, amabhasi kanye namatekisi)
3.12 Noma sikuthokozele ukuthi uhlelo lwentuthuko entsha ngeke lubandlulule izigwili kanye nabampofu singathanda kodwa ukwazi ukuthi zikhona yini izinhlelo eziyokwenziwa eziyoqaphela ukuthi abampofu abaphathwa kabi izigwili entuthukweni entsha. Iziphi izinhlelo ezizoqinisekisa ukuthi intuthuko entsha ilawulwa intando yeningi?
3.13. Akungcono kodwa ukusebenzisa ingxenye noma yonke lemali yezakhiwo ukuthenga nokuthuthukisa umhlaba lavele abantu behlala khona?

Sikulangazelele ukukwamukela ePemary Ridge.

Ozithobayo

S’bu Zikode
Omele Abahlali base mjondolo

———–
Annexe 2

Incwadi ekhansela umhlangano naba – Abahlali Base Mjondolo