News 24: Lizoqondiswa izigwegwe ikhansela ngelokushaya

http://isizulu.news24.com/NingizimuAfrika/Lizoqondiswa-izigwegwe-ikhansela-ngelokushaya-20120723

Lizoqondiswa izigwegwe ikhansela ngelokushaya

ohannesburg – Ikhansela le-African National Congress KwaZulu-Natal elavuma icala lokushaya umuntu owayeligxeka, lizovela ngaphambi kwekomidi lokuqondiswa izigwegwe, kubika iSowetan.

Ubuholi esifundazweni bunikeze igatsha eliseMlazi amagunya okushushisa ikhansela laku-Ward 88, uNomzamo Mkhize.

Igatsha leli lizihlangulile ekuziphatheni kwekhansela, imibiko ithi sekukaningi kungena izinkonondo ngokuziphatha kukaMkhize.

Kuthiwa uMkhize wathusa abantu ngesikhathi eshaya uThabile Ngcobo, owabe esemhlanganweni womphakathi, owabe uvumelana ngokuthi uMkhize akhishwe esikhundleni.

UMkhize wawushiya phakathi umhlangano, lokoh kwathukuthelisa abagqugquzeli bomhlangano, okuyinhlangano Abahlali BaseMjondolo, abakhala ngokuthi uMkhize ubabukea phansi ngokushiya kwakhe umhlangano ungakapheli.

Ekuqaleni ikhansela labe liliphika icala.