Ayikho indlu! Awukho umhlaba! Alikho ivote!

UMBHIKISHO WABAHLALI BASE MJONDOLO
MHLA ZINGU 27 FEBHUWARI 2006

Indoda emava izindlu phambili.

Ayikho indlu! Awukho umhlaba! Alikho ivote!

NINI: Ngehora lesishayagalombili ekuseni, ngoMsombuluko, zingu 27 Febhuwari 2006.

KUPHI: Ukubhikisha kwabantu kuzosuka kuBhota eThekweni. Kuyiwa ehholo elikhulu eThekweni kuMike Mabuyakhulu.

NGOBANI: Lezizinkulungwane zabahlali basemjondolo zibhikisha? Zifuna izimpendulo ukuthi zakhelwa nini kuphi kanjani zingakhi kungani sekumele sikholwe manje emva kwesikhathi eside zithenjiswa amanga. Siqiniseko sini esizokwenza ukuthi mazikholwe ukuthi sezizozithola lezindlu.

ABAHLELI: Abahlali baseMjondolo mhlaba wonke abantu abahlu phekile. Siyabamema bonke abahlali baseMjondolo emhlabeni jikelele. Ukuthi bazosho ukuthi sekwanele indoda emva izindlu phambili.

ABALANDELI: Lombhikisho uzobe uhlanganise nabantu abaphuma kweminye imiphakathi engaphandle kwase eThekweni. Abanye abazobe bekhona, Banana City,
iBayview Flat Residents' Association; Cato Crest, Claremont, Combined Staff Association (UKZN); Eastwood Community Forum ('Maritzburg), Groundwork; Joe Slovo, Kenville, KwaMashu, eMandeni, Mandela Park Anti-eviction Campaign (Cape Town); Umlazi, Right to Work Campaign; Socialist Students' Movement (UKZN); eThekwini Eco-peace Party; Sydenham Heights Resident's Association, eThekwini Social Forum; Wentworth Development Forum; Westcliff Flat Residents' Association; Mt. Moriah; Palmiet; Puntan's Hill; Reservoir Hills Taxi Association; Clare Estate Taxi Association, Durban Informal Traders.

UMA UDINGA ULWAZI NOMA UDINGA UKUBEKA UMBONO UNGATHINTANA NALABA: Mnu. Philani Zungu 0729629312; Nkzn Fikile Nkosi 0842501446; Mnu Mnikelo Ndanbankulu 0735656241; Nkzn Thandi Khambule 0720979136; Mnu Moses Mncwango 0762250260, Mnu Chazumuzi Ngcobo 0722796588, Mnu M'du Hlongwa 0723358966, Mnu Lungisani Jama 0737634967

UMzabalazo wabahlali 'basemijondolo

Ziningi izithembiso ezenziwe ngaphambili ezingafeziwe. Ezweni lonke lalapha e South Africa abahlali basemijondolo besemzabalwazweni bavimba imigwaqo bathi 'Sekwanele!' Sekube nemibhikisho engaphezu kuka 6 000 ngonyaka odlule. Ethekwini namaphethelo kuma Ward ahlukene, izinkulungwane zabantu zimashe zayothula izikhalo zazo ku Yacoob Baig no Jayraj Bachu zikhalazela ukuthi izidingo ngqangi zazo ezibalula umhlaba, izindlu, kanye namanzi, ugesi kanye nezindlu zangasese zingashaywa indiva.

Abahlali bebemashela izinhlelo zokubakhipha kulezizindawo ngendluzula ziyiswe ngaphandle kwetheku ziyiswe izindaweni ezisemakhaya njengaseVerulum kude nemisebenzi yethu, izikole, imitholampilo kanye neziteshi zamaphoyisa. Abantu bezindaba bayakholelwa ekutheni laba bantu bayahlupheka ingakho besiwuxhasa umzabalazo wabahlali ngokuphelele. Eminye imiphakathi esenkingeni ikhombisa ukuzwelana nalemiphakathi.

uMabuyakhulu kumele azi ngobugebengi bamakhansela.

Ngeke siqhubeke nokuhlupheka kanje. Isikhathi sesifikile sokuthi "Kwanele!"siyafuna ukuthi izikhalo zethu zifezwe. Isikhathi sesifikile sokuthi simashele emahhovisini kamaMabuyakhulu. Kumele simtshele uMabuyakhulu ukuthi umasingazitholi izimpendulo siyathembisa angeke siye okhethweni lohulumeni basekhaya.

BATHENGISA NGATHI!

SEKWANELE! SEKWANELE!

Ayikho indlu! Awukho umhlaba! Alikho ivote!