Isolezwe: Bavale imigwaqo befuna izindlu ngodli

http://www.iol.co.za/isolezwe/bavale-imigwaqo-befuna-izindlu-ngodli-1.1532351#.UcCDWOcyZvI

Bavale imigwaqo befuna izindlu ngodli

Sandile Gumede

BADINWE bavala umgwaqo u-Alpine Road ngamathayi avuthayo nangezigodo izolo abantu abahlala emijondolo eJadhu Place, e-Overport, eThekwini, bekhala ngokugqoza kokuhlinzekwa ngezindlu kodwa kube kwakhiwa amathoyilethi kuphela.

Bathi abasalethembi ikhansela ngoba alibenzeli lutho, selokhu lakhethwa ngo-2011 alikaze libize ngisho umhlangano womphakathi ukuzobachazela ngezinhlelo zentuthuko.

Elinye ilungu lomphakathi, uMnuz Nabantu Zulu, lithe selokhu lafika kule ndawo ngo-1991 intuthuko liyizwa ngendaba, kunalokho bakhelwa amathoyilethe ekubeni bengenazo izindlu behlala emijondolo evuzayo.

“Siqome ngisho ukungayi emsebenzini ngoba sifuna izindlu nogesi,” kusho Zulu.

Uthe okunye abakufunayo wukuthi umgwaqo u-Alpine, ufakwe amarobhothi kanye nezinciphisajubane ukugwema izingozi ngoba izimoto zihamba ngesivinini esiphezulu.

“Nakuwo lo mgwaqo kudingeka kwandiswe amarobhothi, kufakwe izinciphisajubane, ukugwema izingozi. NgoLwesihlanu kuwo lo mgwaqo kukhona umuntu owashayiswa yimoto eyayigijima ngesivinini esiphezulu, ingalo yanqamuka,”kusho uZulu.

UNksz Landeleni Dlamini (41), ohlala emjondolo onekamelo elilodwa, uthe okudale waba wahlanganyela embhikishweni wukuthi uyayidinga indlu njengoba ethi bampintshene okosayidinsi ethinini.

“Mina ngihlala emjondolo nomasihlalisane wami kanye nezingane ezimbili. Angihleli kahle ngoba lo mjondolo mncane kwawona njengoba umntwana wami ona-10 uyaphoqeleka ukuthi alale phansi. Asibi naso nesikhathi sokuxoxa ngezinkinga zethu njengabantu abadala phambi kwezingane,”kusho uNksz Dlamini.

Ekuhambeni kosuku, iMeya yeTheku, uMnuz James Nxumalo, igcine ifikile ukuzolalela izikhalo zabantu, yabe isicela ukuba umphakathi ukhethe ikomidi elizowumela uma sebehlangana ngoLwesibili oluzayo.

“Sigcine sifikile nemeya ukuzozwa izikhalo zabantu, kwavunyelwana ukuthi abantu behlise imimoya bese bekhetha ithimba labantu abayishumi elizohlangana nemeya, ukuze bathole ithuba lokwethula izikhalo zabo ngoLwesibili. Sizohlangana nabo kanye nayo yonke iminyango ethintekayo ngaphansi kukamasipala weTheku,” kusho ikhansela Bhekisani Ngcobo wakuwadi 25.

Ebantwini abebebhikisha kugcine kuboshwe abane ngokudala uthuthuva emphakathini. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Thulani Zwane, uthe kulindeleke ukuba bavele eNkantolo yeMantshi eThekwini namuhla.