Isolezwe: Iyashuba eyababhikishi baseMayville

http://www.iol.co.za/isolezwe/iyashuba-eyababhikishi-basemayville-1.1537688#.Uc1DBvkwfUV

Iyashuba eyababhikishi baseMayville

By SANDILE GUMEDE

UYAQINA umkhankaso wabahlali baseMayville kuWard 30 abangafuni nokuyizwa indaba yekhansela elikhona ngoba bathi abalikhethanga. Izolo laba bahlali baphinde bavala umgwaqo uVusi Mzimela (Bellair Road) ngamathayi avuthayo nangezingodo.

Kuthiwa lo mbhikisho uqale emva komhlangano ababe nawo ngabo-8 ebusuku ngoMsombuluko nokuthiwa batholane phezulu namaphoyisa abedubula ngezinhlamvu zenjoloba nangesisi esikhalisa unyembezi, kwasa emnyango.

Kuboshwe abantu abathathu kulokhu kududulana namaphoyisa njengoba kuthiwa bashaye balimaza izimoto zamaphoyisa. Ngenyanga edlule babekhala ngento efanayo, kwaze kwangenelela izikhulu ze-ANC ezabathembisa ukuthi zizobuyela kubona emva kwamasonto amabili kodwa akwangenzeka.

Umholi womphakathi uMnuz Mduduzi “Gaddafi” Sibiya, uthi kade sadlula isikhathi ababethi bazobuyela ngaso emphakathi nokuyikho okuthukuthelise umphakathi.

“Zafika izikhulu ze-ANC emva kombhikisho odlule kukhona nelungu lesigungu esiphezulu uNomacawe Mafu, bathi bazobuyela kithi emva kwamasonto amabili, kodwa kuze kube manje lutho. Abantu bathukuthele kabi, bathi abasuki la emgwaqweni uma engafiki uZuma (uMengameli we-ANC),” kusho uSibiya.

Uqhube wathi bezwe umoyana wokuthi kukhona umhlangano ozoba khona ngoMgqibelo kodwa wathi kuyimizamo yokubanqinda amandla ukuthi bangabhikishi.

“Le ndaba yomhlangano bekuyinto engekho-nje, bekuyimizamo yokusinika ithemba elingekho. Abantu badiniwe manje ngoba abalifuni ikhansela (uNksz Zanele Ndzoyiya,” kuqhuba uSibiya.

Uthi okuphinde kwabaqeda umoya du, impendulo abayithole kuSihlalo we-ANC uMnuz Senzo Mchunu, uma bembikela ukuthi umphakathi uthukuthele ngokuphula kwabo isithembiso. Kuthiwa uMchunu uphendule ngokuthi: “Akusho lutho ukuthi sasithe sizobuya emva kwamasonto amabili, nina yekani le nto eniyenzayo ngoba ayikho emthethweni … akunina nodwa eniyi-ANC.”

Ethintwa yiSolezwe uMchunu uthe yonke imibuzo ayibhekiswe kuNobhala wesifunda uMnuz Bheki Ntshangase, okunguye olwazi kangcono lolu daba.

UNtshangase uvumile ukuthi babethembise ukuthi bazobuyela kubona emva kwamasonto amabili kodwa wathi nabo akukho abangakwenza njengoba udaba lusezandleni zesigungu esiphezulu kuzwelonke.

“Lolu daba alusekho ezandleni zethu, nathi silinde isinqumo esiyothathwa yisigungu esiphezulu kuzwelonke se-ANC. Bona bekumele balinde size sibuyele kubona noma babuze ukuthi sekumiphi, hhayi ukuthi bavale umgwaqo,” kuchaza uNtshangase.

Uphethe ngokuthi akukho abangakwenza ukuthi basuse ababhikishi.

“Ibona abayozikhethela ukuthi bayasuka noma cha, ngeke mina ngibabelethe ngithi abasuke, futhi uyazi-ke ukuthi laba bantu abangifuni,” usho kanje.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Thulani Zwane, ukuqinisekisile ukuboshwa kwamadoda amathathu ngokudala udlame emphakathini, wathi kulindeleke bavele enkantolo maduze nje.