Iminyaka engamashumi amathathu yosizi nenhlupheko kwabampofu

21 April 2024

Iminyaka engamashumi amathathu yosizi nenhlupheko kwabampofu

Inkulumo ka Mongameli waBahlali baseMjondolo, Sbu. Zikode ngosuku loku Ngakhululeki (Unfreedom Day)

Mphathi wohlelo, baholi baba hlali baseMjondolo ngokuhlukana kwenu, baholi bemibutho yonke yemiphakathi, basebenzi, baholi bezombusazwe, partners, manene namanenekazi, MaGoza Amahle.

Umbutho wabahlali baseMjondolo wasungulwa eminyakeni eyishumi nesishiyagalolunye eyadlula. Usungulelwa ukulwela , ukuvikela nokuthuthukisa isithunzi sabantu abahlala emijondolo. 

Namhlanje kuphela iminyaka engamashumi amathathu izwe lathola inkululeko, liyitholela abavele benothile. Kodwa iningi labantu bakithi libhekene nendluzula yobubha nosizi oluyisimanga. Namhlanje sizothi ayikabibikho inkululeko kwabampofu. Ayikho inkululeko izinkulungwane zabantu bakithi besahlala emikhukhwini, abanye sekuphele iminyaka behlala emathinini. Ayikho inkululeko umhlaba wezwe lakithi ungakabuyi kubanini bawo. Ayikho inkululeko iningi labantu bakithi bengasebenzi bebhuqwabhuqwa yindlala. Abantwana bethu bebhuqwabhuqwa izidakamizwa nophuzo oludakayo. Abantwana bethu, nasebefundile bachitha iminyaka emanyuvesi, abanye babo abangodokotela namhlanje. Bahlale iminyaka eyisikhombisa e medical school namhlanje abasebenzi. Ubugebengu obuyisimanga nodlame olubhekiswe kubantu ababuthaka kulelizwe abantu besifazane nabantwana. Udlame nesihluku sokubulawa kwabaholi babahlali baseMjondolo nababika ngenkohlakalo ezinhlakeni ezahlukene zikahulumeni. Ukungalingani phakathi kwabantu abadla izambane likapondo nabanothile. Izwe lakithi likhungethwe yinkohlakalo eyisimanga. Iningi Labantu bakithi alisebenzi liphila ngokukhangeza, nangezibonelelo zika hulumeni.

Mphathi wohlelo nginomzekelo wempilo ebuhlungu ephila ngabantwana bethu eNingizimu Afrikha. Lena yimpilo ka Thulile Makamu wase Tembisa, Vusumuzi Section e Gauteng province. U Thulile uthi “I now mark 11 years without a job, I graduated in 2014 at Tshwane University of Technology. I obtained National Diploma in Management. In 2018 I obtained a Postgraduate Certificate in Education with distinctions at the University of South Africa. In 2019 I graduated and obtained Honours Bacher of Education in Educational Management at University of South Africa. Last month I just did a baking training course at Chef Institution of South Africa. I now see that we do not have freedom at all and we are morning indeed”. She goes on to say “actually we are not only mourning on the 21 April. Every day is a mourning day”.

Imiphakathi yakithi ezindaweni zase makhaya sibele sakhula amanzi abanawo, kuze kube namhlanje. Leli yihlazo, fubecause I wanted to take out the stress of being unemployedthi yisono esesabekayo ukuncisha abantu amanzi. Abahlali base Verulam, koNanda, Mzinyathi abanawo amanzi kodwa bakhele amadamu amakhulukazi eThekwini I Hazelmere dam kanye ne Inanda dam. Isizathu ukuthi kuno sonkontileka bama thenda okumele banikezwe umsebenzi wokuthutha amanzi ngama truck ukuze bacebe, hhayi ngoba amanzi engekho.

Bahlali baseNingizimu Afrikha siyazi, futhi siyakuhlonipha ukuthi kunabaholi abalwela lelizwe baze banikela ngezimpilo zabo befuna mina nawe sikhululeke ngokugcwele kodwa namhlanje izwe lisehlazweni eliyisimanga.

Siyafisa ukubabonga labo baholi abafana no Oliver Tambo, Robert Mangaliso Sobukwe, Dorothy Nyembe, Thuli Ndlovu, Nokuthula Mabaso nabanye. Siyazi ukuthi uma bekungathiwa bayavuka kwabalele namhlanje bangadumala bebona izithukuthuku zabo seziyinhlekisa nakwabezizwe.

Sesikhathele ukuphelezela izintombi nezinsizwa ezimbalwa nazo ezisuke ziphelezele oNgqongqoshe nosoma bhizinisi abambalwa abakhululekile beyositshela ukuthi sikhululekile ezinkundleni zemidlalo. Ngenxa nje yokunikwa isikibha samahhala ne plate lokudla bese sizitshela ukuthi yinkululeko leyo.
Siyibonile inhlekelele yezikhukhula ibulala abantu bakithi abahluphekayo emakhaya nasemijondolo ngenxa yezakhiwo esihlala kuzo. Bafele nje ukuthi bayahlupheka. Inhlupheko iyabulala.

Sizothi namhlanje, ngabe siyazikhohlisa futhi neqiniso alikho kithi uma singathi sinezizathu zokugubha usuku lenkululeko. Yingakho sithi namhlanje kumele sizile sibabaze ukuthi aw-hhe, laze lafa elakithi sibhekile.

Namhlanje sizothi inkululeko ayikho kwabampofu. Ngakho ke simema bonke abantu abahluphekile kulelizwe lakithi nabazibona bekhishwe inyumbazane kulentando yeningi ukuthi basukume babhukule bazibandakanye nomzabalazo wabahlali ukuze ngokubambisana sakhe iNingizimu Afrikha yawo wonke umuntu. Sizibophezele ekutheni sakhane, sicijane, sifundisane, sisekane silwele ubulungiswa, ukulingana nesithunzi. Akumele kwenzeke iphutha sizithole sikulelihlazo esikulo manje emva kweminye iminyaka engamashumi amathathu.

Namhlanje sithi umhlaba, umncebo namandla akwabiwe kuhlomulise wonke umuntu wase Ningizimu Afrikha ukuze ngelinye ilanga sigubhe inkululeko yangempela.

UNkulunkulu anibusise.