Category Archives: isiZulu

Isolezwe: Basale dengwane kusha imijondolo

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=4185898

Basale dengwane kusha imijondolo

December 27, 2007 Edition 1

S’CELO KHUZWAYO

NGESIKHATHI imindeni eminingi ijabulela ukuhlangana nezihlobo nabangani kugujwa usuku lukaKhisimusi, imindeni engaphezu kuka-200 ibiqhatha usizi ngemuva kokusha kwemijondolo yayo e-Foreman, e-Sydenham, eThekwini, ngoLwesibili ebusuku.

UMnuz S’bu Zikode, wenhlangano yabahlali basemijondolo eThekwini, uthe kukholakala ukuthi lo mlilo oqale ngabo-11 ebusuku uqutshulwe yikhandlela kanti ushe kwacishe kwasa.

“Kunowesifazane okukholakala ukuthi ushiye ikhandlela livutha nokuthe uma esebuya wathola ukuthi umlilo ususha ubuhanguhangu wabe usuthungeleka nakweminye imijondolo,” kusho uZikode.

Uthe lesi sigameko sibashiye beshaqekile, ikakhulukazi njengoba abantu bebejabulele usuku lukaKhisimusi. Ngesikhathi ekhuluma neSolezwe izolo, uZikode uthe abanikazi bemijondolo eshile bebema-tasatasa bezama ukuvusa imijondolo yabo, kanti abanye bahlaliswe ehholo lomphakathi e-Sydnham.

Uthe ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko iningi lezakhamizi belingekho kule ndawo njengoba beligubha uKhisimusi nemindeni yalo emakhaya.

“Yize kunjalo kodwa iningi labantu lishiya impahla eningi ezindlini. Yonke-ke leyo mpahla ishe yaba wumlotha,” usho kanje.

Isolezwe: Basale dengwane bedilizelwa imijondolo

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=4157969

Basale dengwane bedilizelwa imijondolo

December 04, 2007 Edition 1

PROFFESOR NDAWONDE

Izimvula ezihambisana namakhaza kanye nelanga elikhipha umkhovu etsheni kuphelela ezinganeni ezingaphezulu kwezingu-50 kanye nonina bazo njengoba imijondolo abahlala kuyo eReservoir Hills idilizwe yonke nguMasipala weTheku.

Iningi lemindeni esale dengwane ngenxa yalesi simo yileyo engamalungu enhlangano eyaziwa ngokuthi Abahlali baseMjondolo.

UNksz Thabsile Ndlovu (33) ongunina wezingane ezintathu okukhona kuyo eneminyaka emibili ungomunye wabantu abangase bawudlele esigangeni uKhisimusi njengoba abamele uMasipala beshaya phansi bethi ababafuni kule ndawo.

Usihlalo wenhlangano yabantu abahlala kule mijondolo, uMnuz Thomas Madiba, uthe kunabasebenzi bakamasipala ababethembisa abantu abahlala kule ndawo ukuthi uma bekhokha u-R100 bazoyithola indawo kodwa namanje abakaze bathole mpendulo.

USihlalo wekomidi lezezindlu kumasipala waseThekwini uMnuz Sbu Gumede uthe akakholwa wukuthi laba bantu bebengazi ukuthi imijondolo yabo izodilizwa.

Uhlu Lokuphakathi

Amazwi omhumushi

Ibika ngu-Neville Alexander

Onxiwankulu ne-Sigaba Sabasebenzi

Abasebenzi namadlela-ndawonye

Umthapho wezincwadi Zobudlela-ndawonye
nobu-Khomanisi

Imibono yama-Khomansi mayiqhathaniswa
naleyo yezinye Izinhlangano Eziphikisayo

Uhlu lwezincasiselo

Uhlu Lokuphakathi

Amazwi Omhumushi

Baningi abantu abanginike usizo ukuhumusha lomsebenzi, kakhulukazi ngibonga lamaqabane: Steve, Veli, Salim, Patrick, Lenore, Jane, Neville kanye namanye amalunga we-WOSA afake isandla ukuze lomsebenzi uphethwe.

Ngibonge futhi amaqabane ase-Swideni: Carina, Linn, Peter.
Ngithemba ukuthi lomsebenzi esiwuqalile uzongenelwa iningi
lesigaba sabasebenzi, licebise kakhulukazi ekutheni yimaphi amagama esiZulu esingawasebenzisa ukuze lolimi lukhulume ngobuhlakani nxa luxoxa gemibono / ngemicabango ka-Marx noma yoBukhomanisi. Kulomsebenzi asihumushanga izandulelo ezalotshwa ngu-Marx no-Engels ngenkathi lomsebenzi
wabo ushicilelwa ngezilimi-ngezilimi. Esikhundleni salezandulelo, sifake uhlu lwesincasiselo esithemba ukuba luzosiza umfundi ukuqonda ukuba amagama amamsha najwayelekile asetshenziswe ngayiphi indlela kulomsebenzi.
Sithemba ukuba lomsebenzi, kungekude, uzohumushwa nangezinye izilimi zesintu. Ngokwenza njena sizobe sishaye izinyoni ezimbili ngetshe elilodwa: sithuthukisa izilimi zesintu nkati futhi silungiselela inguqula-mbuso
yoBukhomanisi, ezositakula kulencindezelo ngonxiwankulu.

Brian Ramadiro
Gauteng – Egoli, 2002