Inkulumo ka Mongameli wa Bahlali baseMjondolo Movement SA, ye-Unfreedom Day Rally

Asikakhululeki
Isonto, Epreli 2018

Inkulumo ka Mongameli wa Bahlali baseMjondolo Movement SA, ye-Unfreedom Day Rally

ayethule ezinkundleni zemidlalo I Springfield TVET College, eThekwini

uS’bu Zikode

Mphathi wohlelo Cde Bonono, Bahlali baseMjondolo, yonke imiphakathi yabahlali ekhona phakathi kwethu, Bahlali baseGauteng, Bahlali base Mpumalanga, Bahlali base Eastern Cape, Bahlali baKwaZulu/ Natal. Mphathi wohlelo ngikubone kubalulekile ukwephula imigomo (breaking protocols) ngiqale ngokubingelela Abahlali uqobo ngigcine ngaba holi. Uthi Ubhishop Rubbin Phillip ngelinye ilanga “abokugcina bayoba ngabokuqala)” the last will be the first on the list”. Abaholi babahlali bukazwe lonke, Sekela Mongameli waBahlali cde Mdlalose, Shlalo kaZwe lonke mama wethu MaMkhize Nxumalo, Nobhala cde Mohapi, nabo bonke ubuholi. Ubuholi bezifundazwe bonke, ubuholi bama Branch Abahlali wonke. Ubuholi bezinhlaka za Bahlali zonke uPhiko lomama noPhiko lentsha yaBahlali. Amakhosi akhona phakathi kwethu nezi’ zinduna. Zonke izivakashi ezikhona nabangani bethu. Imibutho ekhona phakathi kwethu esuka eKapa, I Rural Network, Social Justice Coalition, Housing Assembly, MUC, I R2K, Ubunye Bama Hostela, Abadayisi basemgwaqeni, abasuka embonini yama Tekisi, u Streetnet. Abangani nama partners ethu: Church Land Program, Norwegian People’s Aid, Socio Economic Rights Institute of South Africa, AIDC. Cde Pithouse, Cde Desmond D’sa, cde Zackie, naMagoza amahle. 

Namhlanje sigubha usuku lweminyaka engu 24 izwe lathola intando yeningi neNkululeko yezoMbusazwe.

Nakuba sikubonga futhi sikuhlonipha kakhulu ukuthi kwaba naba holi abaqotho abanikela ngezimpilo zabo ukuze thina nabantwana bethu sithole lenkululeko yezombusazwe. Kodwa ngabe asinaqiniso futhi ngabe neqiniso alikho kithi uma singathi sikhululekile uma kuse nje. Umhlaba wokhokho awukabuyi ezandleni zabantu abamnyama kuze kube manje. Asikwazi ukuthi sikhululekile uma Abahlali bebulawa uma besebenzisa umhlaba ongenamuntu. Ngonyaka ophelile nje uwodwa bahlanu (5) Abahlali ababulawe la eThekwini bebulawela umhlaba wokuhlala nokuphila. Yiwona lomhlaba osekuthiwa awubuye ngaphandle kwesinxephezelo, kodwa thina singcwabile futhi sisabulawa nanamhlanje uma sakha emhlabeni ongenamuntu, akushiwo lutho ngemndeni eyabulawela abathandiweyo babo. Asikwazi ukuthi sikhululekile uma izindlu nenqalasizinda kanye nezinsiza singenazo siphila ehlazweni. Asikwazi ukuthi sikhululekile amathuba emisebenzi engekho nemfundo incikisela. Asikwazi ukuthi sikhululekile inhlupheko nokungalingani kwezomnotho kudlebeleka. Ngakho ke besingeke saphelezela izinsizwa ezimbalwa nezintombi ezimbalwa esezakhululeka njengo Ndunankulu ne khabinethi yakhe no somabizinisi abanothile. Ngakho ke akunasisekelo ukuyogcwalisa izinkundla zemidlalo sithi sikhululekile ngoba naku sinekezwe izikibha zama hhala nokudla kosuku olulodwa bese sithi sikhululekile.

Omasipala bethu bayaqhubeka nokudilizela imiphakathi yethu ngesikhulu isihluku lesi. Siyakuqaphela kakhulu okwenzeka eThembisa e Vusumuzi-Section lapho kuhlukunyezwa abahlali egameli lentuthuko reblocking efunzwa abantu ngenkani. Sekuphele izinyanga abahlali sebeshilo ukuthi abayifuni lentuthuko okungavunyelwananga ngayo i(re-blocking). Kowa ukhansela uSeloane uyaqhubeka uyifaka ngenkani. No Somlomo waseku Rhuleni umhlangano uwuhlehlise ngamabomu ngo mhlaka 2 Meyi. Siyibonile impi ka masipala wase Thekwini eNkanini, New City, eKukhanyeni nase Kuphumeleleni. Siyajabula ke ukuzwa inqubekela phambili eyenzekile eNkanini nokuthi isigobe uphondo kumasipala. Kodwa siyazi ukuthi kulinyazwe abahlali ngesikhulu isihluku ngaphambi kwale mpumelelo eyenzekile. Siyabonga isibindi bahlali nokuzimisela nokuzinikela okungaka kuningi esikufunde kinina njengokuthi umhlaba uyalwelwa futhi uyafelwa. Sikubonile ukuhlukunyezwa kwaba hlali eMampondweni. Umhlaba wakhona untshontshwa emini kwa bha uhulumeni ehlangene nongxiwankulu bakwamanye amazwe. Asikwazi ukuthi sikhululekile uma uceba kwaMzize esabisa Abahlal, esongela ngokufa nezinkokheli zethu.

Simbonile uhulumeni ephuca amakhosi ubukhosi namandla egcoba izigebengu ezidayisa umhlaba waMampondo, kuze kusweleke o Cde uBhazuka nabanye abasekubhagceni ngithetha nje. Thina sazi ukuthi nkosi iyazalwa ayikhethwa ngu hulumeni. Futhi thina sazi ukuthi inkosi yinkosi ngesizwe.

Simbonile uMasipala I Prixle ka Seme e Volkrust ehudula izinyawo ukulungiselela Abahlali abahlezi ezindlini zakwa Loliwe. Singathi sikhululeke kanjani uma umasipala engasivikeli koso politiki abafuna ukusiphuca lezindlu ngoba bethi azisifanele thina. Esikhundleni salokho uye kanye ofuna ukuzidla lezindlu ukuze thina nabantwana bethu sakhelwe amathini noma siye emijondolo.

EWestern Cape uhulumeni wakhona umemezele ngokukhulu ukuziqgaja lokhu ukuthi usedilizele abantu abanga phezu kuka 60 000 esikhathini nje esingango nyaka. Okusho ukuthi bangaphezu kuka 60 000 abantu abashiywe dengwana nabangenazo izindawo zokuhlala eWestern Cape. Konke lokhu bakubiza ngentuthuko.

Konke lokhu nokuningi engingakuvezanga kwenza ukuthi singabi nasizathu sokugubha usuku lweNkululeko nezwe lonke ngokulawula kuka hulumeni.

Ukuze sinqobe, siphume kulolusizi esibhekene nalo, siding ukusebenza kanzima ukushintsha isimo sezombusazwe esilawulwa ngobungxiwankulu sakhe umbuso wobu hlali, umbuso wobuntu, umbuso we socialism lapho wonke umhlaba nomnotho wezwe uzolawulwa ngabahlali naba sebenzi, hhayi uhulumeni ngoba akathembekile futhi muva nje sewu holwa nayizigebengu uqobo ezingagcini nje ngokuntshonstha kodwa sezidayise nango mbuso uqobo kubantu bangaphandle njengama Guptas.

Egameni laba hlali ngifisa ukuthatha lelithuba ngenze izimemezelo ezimbili ezinqala. Esokuqala, sinentokozo ukubika nokwethula ubulungu baba hlali baseMjondolo obu hloliwe (audited). Sebufinyelele emashumini amahlanu (50 000). Yize kunama branch angabaliwe angaphezu kwe shumi. Sibonga imbokodo ebeyingalali isenzela lomsebenzi umama u OJ Majola wase Kuphumeleleni. Esesibili isimemezelo sithinta udaba “lokubuyiswa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo” (“expropriation of land without compensation”). Thina bantu abampofu naba hlala emijondolo sizabalazela ubulungiswa, ukulingana, inhlonipho nesithunzi sawo wonke umuntu. Ngakho ke sikholelwa eku hlonipheni wonke umuntu njenge sidalwa sika Nkulunkulu, nathi sifanelwe ukuphathwa ngenhlonipho nangaso lesi sithunzi. Isikhathi esiningi sizizwa singafanelekile, singashaywa mkhuba emehlweni ombuso nesizwe sonkana. Sidilizelwe ngesikhulu isihluku, saboshwa, sahlukunyezwa ngisho emajele ngaphakathi, sacindezelwa sahlambalazwa siphinde sibulawe uma sikhuluma ngokuthinta ikusasa lobuntu bethu nomhlaba wokwakha nokuphila. Ngakho ke njengomgomo, umhlaba uyisipho sika Nkulunkulu uMnini waMandla Onke owasidala. Ngakho ke ukusetshenziswa komhlaba ukuze sakhe siphile makuze ngaphambi kokuthi umhlaba usesthenziselwe ukwenza inzuzo (“the social value of land must come before its commercial value”).

– Abahlali bakholelwa ekutheni ukuze ukusetshenziswa komhlaba kube yimpumelelo, abantu mababe nobunini bomhlaba obubahlanganisile njengo mphakathi ( communal titles). Uhulumei akathembekile namanye amakhosi awathembekanga ukuthi singavuma ube sezandleni zabo.
– Wonke umuntu kufanele abe nelungelo lomhlaba
– Umhlaba kufanele sihlale kuwo, sisebenze kuwo, siziphilise kuwo, umhlaba awudayisi.
– Sikubonile nokucindezelwa kwabantu besifazane odabeni lomhlaba. Sikholelwa ukuthi abantu besifazane nabo banelungelo elifana nelabesilisa. Ngakho ke umhlaba mawusetshenziselwe ukuthuthukisa abesifazane.
– Ubunini bomhlaba abungabi obomuntu ngayedwana noma umlungu noma omnyama.
– Umhlaba akube owawo wonke umuntu.
– Abahlali bayoqhubeka nokusebenzisa umhlaba uma nje uhulumeni nomasipala bengasiniki umhlaba wokwakha amakhaya anesithunzi.
– Umhlaba yiwona owakha Ubunye, nokuthula nesithunzi kubantu abasemazingeni aphansi.

Ukuyaphambili asiqinise umzabalazo wethu, singavumi ukukhohliswa futhi singavumi ukuthengwa ngoso politiki abanamanga nenzondo. Singathengwa ngama phasela okudla. Uma sifuna ushintsho asihlukane nokuvotela izigebengu ezingena nembeza. Asikwazi ukuvotela abantu ababodwa njalo kodwa bese silindela ushintsho ezimpilweni zethu, asenqabe namandla ethu. Sekuneqembu esaziyo ukuthi elababulali, asisaphelele singabahlali kodwa futhi thina sivotela bona labo babulali. Singaphinde sethembe omunye umuntu masizithembe thina kuphela, thina sodwa nje

Amandla! Sifuna umhlaba wokuhlala nokuphila ukubuyisa isithunzi sethu.