Category Archives: isiZulu

Ukuhlasela abezizwe ngenxa yenzondo.

Ukuhlasela abezizwe ngenxa yenzondo.

There is only one human race.

Umuntu ngumuntu noma ngabe izithola ekuyiphi indawo. Uma ngabe uhlala endaweni, ungowalapho endaweni futhi ungumakhelwane nomngani kuleyo ndawo. Simelana nokuhlaselwa, ukushaywa, ukudlwengula kanye nokubulawa kwabantu eGoli kwabantu abaqhamuka kwamanye amazwe. Sizokwenza isiqiniseko sokuthi lokhu akwenzeki lapha Kwa-Zulu Natali.

Asikucacise lokhu. Akukho nokukodwa phakathi kobumpofu noma ucindezelo okunika umuntu ohluphekayo ilungelo lophendukela omunye. Indoda ophendukela umkayo noma umndeni ompofu ophendukela umakhelwane udinga ukuvinjwa nokulethwa emthethweni.

Kodwa isizathu sokuthi lokhu kwenzeke e-Alexander hayi e-Santoni ukuthi abantu base Alex bayahlupheka, banokwesaba ngekusasa labo. Baphila ngaphansi kocindezelo olungalimaza impilo yomuntu. Abaphehli baloludlame kumele bajeziswe. Kodwa nalobo abagxishele abantu abampofu ezindaweni, babuye babasongele ngokubasusa ezindaweni ngendluzula, babaphathe njengezigelekeqe, babahlukumeze, babuye benyuse amanani okudla babakhele nezindlu ezinganele, ezincane, ezikude babuye babadayisele zona ngokungemthetho kumele bajeziswe.

Siyazi sonke ukuthi amaqabane akuleli amukeleka kahle koZimbabwe, Zambia nakoNgilandi ngezikhathi zempi yobandlululo. Nathi isikhathi sokuthi samukele labo ababalekela ucindezelo manje. Abantu bathi abantu abasuka kwamanye amazwe badayisa (ama-mandrax) izidakamizwa. Melana nezidakamizwa nabadayisi bazo kodwa ungazikhohlisi ngokuthi abantu abazalwa kuleli abawadayisi ama-mandrax.

Abantu bathi abantu abavela kwamanye abazwe bangamagundane. Melana namagundane kodwa ungazikhohlisi ngokuthi abantu abazalwa kuleli abawona amagundane. Abantu babuye bathi abantu abazalwa kwamanye amazwe bamukela amaholo amancane, behlise amaholo awo wonke umuntu. Kodwa siyazi sonke ukuthi abantu bahluphekile nokuthi bazama ukuziphilisa. Owesilisa ohluphekile ogunda amakhanda abantu noma owesifazane odayisa izithelo akasona isitha. Ungaguquli umakhelwane wakho ohluphekile umenze isitha.

Siyazi sonke ukuthi uma loludlame olwenziwa kwaqhamuka eMozambiki lungavinjwa luzobhebhetheka luye kuMashangane. Udlame kwabase Zimbabwe lube yimpi ebhebhethekela amaShona kulandele amaVenda. Bese abantu bebuza ukuthi afunani amaXhosa eThekwini. Babuze ukuthi afunani amChayina nama Pakistanis kuleli. Uma lokhu kungapheliswa kuzokwenzekani endaweni enjenge Clare Estate lapho abantu abangamaXhosa, amaMpondo, amaZulu and abeSuthu; amaNdiya and ama-Afrika; amaMuslim, amaHindu kanye nama kholwa; azalelwe kuleli, eMozambique, eZimbabwe, eMalawai, ePakistan, eNamibia, eCongo nakwelaseNdia.

Khumbula! ungaguquli umakhelwane wakho ohluphekile umenze isitha.

Lombhalo uthathelwe embhalweni Wabahlali BaseMjondolo.

UnFreedom Day Pamphlet

Abahlali baseMjondolo held a mass event to mourn UnFreedom Day for third time on 27 April 2008. This year the event was held on the site where the child was killed by the rat in the Kennedy Road settlement in last year. It was attended by Bahlali from across Durban, ‘Maritzburg and Pinetown as well as the new Tongaat branch. Three Bishops attended the event and the Sydenham Police also decided to show up….

The press release for the event is here, the powerful speech by Bishop Rubin Philip is here and the pamphlet is here in English and here in isiZulu.

Photographs and video coming soon….

Abahlali Basemjondolo bayisa uHulumeni Wesifunda enkantolo ngokushaywa komthetho wokudilizwa kwemijondolo

Abahlali Basemjondolo bayisa uHulumeni Wesifunda enkantolo ngokushaywa komthetho wokudilizwa kwemijondolo

NgoLwesibili safaka isicelo enkantolo ephakeme sicela ukuthi inkantolo iveze ukuthi umthetho wesifundazwe sakwa Zulu Natal wokudilizwa kwemijondolo awuhambisani nomthewtho sisekelo wezwe. Namuhla sizwakalisa ukuthi isikhonzi senkantolo sesiwahambisile amaphepha anezethulo zethu kwizikhulu zikahulumeni wesifunda. Iziphakamiso zethu kanye neze sifunda zisezithebeni ukuze izwe lonke lazi ngazo.

Umthetho wokudilizwa kwemijondolo uwukuhlasela abantu abampofu futhi kuthakaselwa kakhulu izinkampani ezidayisa ngemihlaba nakuba abampofu lokhu kubakhalisa. Kucaca ngokusobala ukuthi lomthetho usibuyisela emuva emithethweni yobandlululo njengo (Slums Act sika 1934) kanye nomthetho ka 1951 owawuphikisana nokuhlala endaweni ngaphandle kwemvume. Namuhla sithi emnyangweni wezezindlu akubekhona ingqungquthela ezothanyelwa izinhlangano ezikhethwe ngentando yeningi ezizoxoxisana nohulumeni ngemithetho nezinhlelo zokwakhiwa kwezindlu. Ngeke sikwamukele ukuthi kulomzabalazo ongaka singaqhubela silawulwe imigomo engasiphumelelisi ndawo.

Sithi uhulumeni wethu akafunde kwamanye amazwe ngemithetho elawula izinhlelo zokwakhi wa kwezindlu. Singaphawula amazwe afana nezwe lase Brazil kanye nelase Thailand. Sidinga imithetho ezoqinisekisa amalungelo abantu abampofu emadolobheni. Sidinga imithetho ezoqin isekisa ukuthi imihlaba esemadolobheni yabiwa ngokwezidingo zabantu hayi nje ngokwezidingo zongxiwankulu. Sidinga imithetho ezovikela abantu abahlala emijondolo ukuthi bangabulawa imililo, izikhukhula njengoba kwenzeka e Ash Road eMgungundlovu, ukungalandwa kwemfucuza kanye nezifo ezibangelwa ukungabiko kwezindlu zangasese. Sidinga imithetho ezovimba omasipala ukuthi bachitha imali eningi kwakhiwa izinkundla zemidlalo nezindawo zokungcebelaka sibe thina nezingane zethu sisha nemililo emjondolo, namagundane edla izingane. Kuyinhlamba kithi ukuthi imali iyamoshwa kodwa abantu bebe bebulawa indlala. Sidinga imithetho ezoqinisekisa ukuthi amadolobha ethu ayindawo ephephile kubantu besimame nezingane, nokuthi amaphoyisa azosebenzela abantu, kube nogesi womuntu wonke, izindlu zangasese eziphephile kanye nezokuthutha ezisezingeni elingcono. Sidinga imithetho ezoqinisekisa ukuthi kunoxhaso olubhekene nezinkulisa ezindaweni esihlala kuzo. Imithetho ezovimba ukuthi izizukulwane ezintathu zinqwabelane endlini engamasikwemitha angu 30 ngoba lokho kuthina kuyingcindezelo akusiyo intuthuko. Sidinga imithetho ezonika izidingo nqangi nezinsiza ezifana nezikhungo zezempilo, imitapo yolwazi, ezokuthutha ezibiza kangcono izinkundla kubantu abaxoshwa ezindaweni bayiswa ezindaweni ezifana ne Parkgate ePhoenix kanye neFrance eMgundundlovu. Sidinga imithetho ezonika abantu abampofu amandla okuthatha izinqumo ngendlela abathanda ukuphila ngayo, kubeyibo ababamba iqhaza elikhulu ekuhleleni ukuthi indawo yabo yakhiwe kanjani ngokubambisana nohulumeni kungabi nje ukuthi bathathwelwa izinqumo uhulumeni nezinhlangano asebenzisana nazo.
Ngonhlaka 28 September 2007 sabhikisha ngobuningi bethu silwa nalomthetho, sashaywa abangu 14 phakathi kwethu baboshwa.

Ngomhlaka 21 June 2007 sathumela ithimba lethu ephalamende lesifunda ukuyophikisa lomthetho kodwa saphucwa ilungelo lokhuluma.

Ngomhlaka 4 May 2007 sabuthana ehholo lomphakathi e Kennedy ukuzoveza ngokusobala kuhulumeni ukuthi lomthetho asiwufuni kodwa asizange sinakwe.
Siya enkantolo ngoba siyazi ukuthi enkantolo ngeke sishaywe, noma siboshwe, noma siphucwe ilungelo lokukhuluma noma singanakwa.

Ngenkathi lomthetho usavivinywa sawufunda umusho ngomusho sizihlukanise ngamaqembu amancane. Sabe sesenza iziphakamiso saxoxisana namalungu ethu ase Thekwini, Pinetown nase Mgungundlovu, ngezizathu nangamaphuzu enza sigxeke lomthetho. Saphinda sahlaba ikhwela lokuthi bonke abathintekayo nabamele ubulungiswa ababhukule babambe iqhaza emkhankasweni wokuqeda lomthetho. Isikhungo sezomthetho e Goli (i CALS) sasabela ngokukhulu ukuzimisela. Kwabakhona uchungechunge lezingxoxo kuboniswana kwaze kwaba kunohlu olwakhiwayo lwezethulo esilufaka enkantolo ephakeme. Konke lokhu kwenziwa ngokubambisana nethimba lethu lezincitha buchopho ezingabahlali basemjondolo. Lelithimba nalo konke elikwenzayo nelikushoyo likuthatha kumalungu ombutho wabahlali basemjondolo. Abameli abaphuma kwa CALS baya enkantolo hayi nje namathemba abantu basemijondolo kodwa namaphuzu okuhlaziya enziwe yibo kanye abahlali basemjondolo. Siya batusa kakhulu abakwa CALS ngabakwenzile.

Kukho konke ukuboshwa esake sabhekana nako kusikela ngo 2005, akukho nelilodwa ilungu lethu eselake latholakala linecala. Asikaze futhi sihlulwe enkantolo uma siyisa uhulumeni. Sahlula imenenja yeTheku iphikisa imashi yethu ngo 2006, sahlula umasipala echitha imijondolo ngokungemthetho ngo 2006 ngokubambisana nabameli bakwa LRC. Nabo futhi sibatusa kakhulu.

Namuhla usuku olukhulu kithina bahlali basemjondolo ngoba siyabona ukuthi asisodwa.

Sizwakalisa ukweseka kwethu bonke abahlali basemjondolo abalwisana nokuchithwa kwemizi yabo egameni lokuqedwa kwemijondolo, ikakhulukazi ozakwethu baseKapa abaphikisana nokuxoshwa ngenkani. Siseka yonke imizamo yabo yokuzicabangela nokuzenzela nokuhola umzabalazo wabo. Siseka nemizabalazo yabantu abathengisa izimpahla ukudla nezithelo emgaqweni. Siseka abahlali basemapulazini abayingxenye yemizabalazo elwa nokudilizwa kwezindlu zabo, ukudliwa kwemfuyo nokuxoshwa emapulazini, ikakhulukazi abahlali base Nkwalini.

Siseka nomzabalazo wabahlali baseZimbabwe abadilizelwa izindlu zabo ngaphansi kohlelo iMurambatswina. Siseka umzabalazo wabahlali baseHaiti abalwa nokucindezelwa ngamazwe ayizikhondlakhondla njengeMelika.

Wonke umuntu ubalulekile ngakho udinga ukuvikeleka kanye nokuhlonishwa kwesithunzi sakhe. Asikwamukeli ukuthi abantu abampofu baphila emijondolo abanye bahlala ezindlini ezingekho esimweni esamukelekile. Kumele siqhubeke nokwakha izikhungo zethu zokuhlaziya amacebo okunqoba kulomzabalazo. Asilwe nokuxoshwa ngenkani, siqhubezele phambili umzabalazo womhlaba nezindlu kuwo wonke amadolobha.

Izindawo esihlala kuzo zingamakhaya kithi akusiyo nje imijondolo yokudilizwa.

Phansi nomthetho ogunyaza ukudilizwa kwemijondolo, iSlums Act.

Isolezwe: Luqale phansi uchuku epulazini iNew Venture

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=4260406

Luqale phansi uchuku epulazini iNew Venture

Isolezwe
February 18, 2008 Edition 1

PHILI MJOLI

ASIKHO isisombululo sezinkinga ezibhekene nomphakathi waseSibhonsweni, eMelmoth, enyakatho yeKwaZulu-Natal, ohlala epulazini i-New Venture ngaphandle kokuthi umhlaba walo ubuyiselwe kubantu.

Lokhu kushiwo nguMnuz Sipho Dlamini okhulumela uMnyango wezemiHlaba kulesi sifundazwe ngemuva kokuthi lo mphakathi utshele leli phephandaba ukuthi lo Mnyango uhudula izinyawo ekuxazululeni izinkinga zawo nomnikazi wepulazi.

Nyakenye lo mphakathi wabulala imenenja yakuleli pulazi, uMnuz Kenneth Eva, okuthiwa waqhumisa isibhamu emhlanganweni nalo mphakathi kukhona okwakungavunyelwananga ngakho.

Ngemuva kwalokhu kwajutshwa umxazululi nomhloli womhlaba owayezobheka ukuthi ngabe indawo okuhlala kuyo umphakathi isepulazini noma qha, njengoba umphakathi wawukholelwa wukuthi umlimi uzisikela kwelinonile emhlabeni wokhokho bawo.

UDlamini uthe umphakathi awuzange uwamukele umbiko owawuchaza ukuthi le ndawo isepulazini.

“Umxazululi owayejutshwe ukuthi akhe ubudlelwano phakathi kwale mikhombe eyalanayo wehlulekile wagcina ngokuqhamuka namasu okuthi baphilisane okwesikhashana,” kuchaza uDlamini.

UDlamini ubesho lokhu nje umphakathi wakule ndawo, obuwesekwe ngabahlali basemijondolo baseThekwini, bemashela ukuhlukunyezwa ngumnikazi wepulazi ngoLwesihlanu.

UNkk Tsamayile Myeza uthe izingane zabo ezifunda esikoleni samabanga aphezulu eMlalazi ezilandwa yimoto, ziya esikoleni uma kuthanda umlimi.

“Izingane zethu zivuka zithi ziya esikoleni zibuye endleleni zithi zifike onogada bethi akudluli lutho,” kusho uNkk Myeza.

Uthe ngo-2005 no-2006 wadilizelwa umuzi wakhe owawunamagumbi ayisishiyagalolunye, nguye umnikazi wepulazi owayethi akasabadingi kule ndawo.

Lezi zindlu ezadilizwa, lo mphakathi uthe uzifuna zakhiwe ngoMashi.

Induna yakule ndawo, uMnuz Mhlangabezi Zulu, uthe abantu bahlale bethathwa izithombe noma kuthiwe abalethe omazisi babo ngaphandle kwemvume yabo.

Kucishe kwasuka esikhulu isidumo ngesikhathi imenenja yepulazi, uMnuz Rooney Subramoney, ethi uhla lwezikhalo ngeke alwemukele futhi lo mphakathi ungalokothi ungene umasha kuleli pulazi.

Lo mphakathi wona ubuthi incwadi ebavumela ukuthi bamashe ithe bazongena epulazini baze bafike emzini womninipulazi, uMark Chenells, uma sebeqedile bahambe ngomgwaqo uCetshwayo baye emakhaya.

USupt Steve van Vuuren, osayine le ncwadi, uthe wayengazi ukuthi umgwaqo okuzohanjwa kuwo usepulazini.

USubramoney unqabile ukuphawula ngezinsolo zalo mphakathi, wathi lolu daba lusenkantolo.

Isolezwe: Ungasivikela emlilweni ugesi: izakhamizi

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=4260445

Ningizimu Afrika
Ungasivikela emlilweni ugesi: izakhamizi
Isolezwe
February 18, 2008 Edition 1

PHILI MJOLI

IZAKHAMIZI zasemijondolo yaseThekwini zithi umlilo odlula nemiphefumulo, nezimpahla zazo unganqandeka uma zingafakelwa ugesi emizini yazo njengazo zonke izakhamizi zaleli.

Lokhu kushiwo nguMengameli wenhlangano yabahlala emjondolo kuleli dolobha, Abahlali baseMjondolo, uMnuz Sbu Zikode, ngemuva kokusha kwemijondolo engu-45 ekuKennedy Road, okushiye inqwaba ingenayo imipheme yokufihla amakhanda.

UZikode uthe ngoLwesihlanu kufike abasebenzi boMkhandlu weTheku banqamula ugesi kuzo zonke izakhamizi zasemijondolo ekuKennedy Road.

“Akekho owasitshela ukuthi ugesi unqanyulelwani futhi kwakubonakala ukuthi uma uke wazama ukubavimba uzobhekana nenhlamvu noma ulinyazwe yizinja, njengoba amaphoyisa nonogada abahlomile babephelezela leli thimba,” kuchaza uZikode.

Entathakusa yayizolo, uNksz Zandile Ngidi, wakule ndawo uvuswe wukukhanya obekuqhamuka kwamakhelwane wakhe.

“Ngesikhathi ngivula isicabha ngihlangatshezwe yikloba lomlilo ebese liqale ukokheleka nasendlini yami. Ngihlabe umkhosi, ngeshwa amanzi abephuma kancane empompini angangakwazi ukunqanda umlilo ngawo,” kusho yena.

Uthe ngesikhathi kufika izicishamlilo indlu yakhe ibivele isingumlotha.