Category Archives: Nokubongwa Phenyane

Isolezwe: Basale dengwane kusha imijondolo

http://www.iol.co.za/isolezwe/basale-dengwane-kusha-imijondolo-1.1282827

Basale dengwane kusha imijondolo

Nokubongwa Phenyane

AMAKHAZA abeshubisa umnkantsha aphelele kubona abantu baseSpringfield ku-Arnold Road, eThekwini, ngemuva kokuthi beshelwe yimijondolo okusolwa ukuthi kudalwe yizintambo zikagesi.

Lesi sigameko esenzeke ngehora leshumi ekuseni sishiye imindeni engu-150 dengwane.

Ngokusho kukaMnuz Khaya Ncomfu ohlala kule mijondolo, ubesemsebenzini ngesikhathi efonelwa etshelwa ukuthi sekushe imijondolo yabo.

“Abantu akade bekhona nabo bezwe ngomuntu esebavusa, ebazisa ngalo mlilo njengoba iningi belingekho lisemsebenzini,” kusho uNcomfu.

Ngokusho kokhulumela abezicishamlilo uMnuz Narend Birjlal obekhona kuleya ndawo, basola ukuthi umlilo uqalwe yizintambo zikagesi ezingaxhunyiwe ngendlela.

“Noma singakayazi imbangela yomlilo kodwa kusolakala izintambo zikagesi ezingekho esimeni okuyizo ezidale umlilo,” kusho uBirjlal.

Uthe kulesi sigameko kulimale isicishamlilo esihangulwe ilangabi. Uthi umlilo ucishe wathatha ihora lonke bezama ukuwucisha. Uthe owesifazane okhulelwe, ohilwe intuthu bamphuthumise esibhedlela.

n Khonamanjalo, abesimo sezulu iSouth African Weather Service, bathi abantu bakuleli kumele balindele ubusika obujwayelekile njengoba abanye besanda kuthuswa amakhaza ashubisa umnkatsha kuleli sonto.

Ngokusho kukaMnuz Jan Van Virmeulen, abantu akumele bathuke kakhulu ngalamakhaza ngoba lobu busika angeke kubande kakhulu.

“Abantu sebethuswe umsinga obandayo osanda kungena kuleli. Kumele bangathuki kakhulu lobu kuzoba ubusika obungemakhaza futhi nemvula izoba yindlala,” kusho uMnuz Virmeulen.