Category Archives: Phili Mjoli

Isolezwe: Bakhala ngokunganakwa abadilizelwa imijondolo

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=3936221

UKHALA ngobuhlanga umphakathi wasemijondolo yaseKupholeni, eChatsworth ngaphandle kweTheku, owadilizelwa imijondolo yawo ngeledlule kulandela ukushiywa kwawo ngaphandle nguMkhandlu weTheku ngesikhathi unika umphakathi wamaNdiya amatende nawo owadilizelwa ngoLwesithathu.

USihlalo walo mphakathi, uMnuz Falakhe Mhlongo, uthe bona kuthiwa abalinde izithunywa zomkhandlu ezizofika kubo uma selukhulunyiwe lolu daba.

“Asitshelwanga ukuthi udaba lwethu luzokhulunywa nini kodwa kuthiwe asilinde. Kuyasixaka-ke lokhu ngoba nathi sadilizelwa njengabo. Kungani thina kuthiwe asilinde kodwa bona banikwe amatende okulindela ngoba nabo balindele isinqumo senkantolo esingaziwa ukuthi sizophuma nini?” kubuza uMhlongo.

Ikhansela lakule ndawo, uMnuz Jayraj Singh, uyakuphika okushiwo yilo mphakathi uthi umphakathi wamaNdiya ukhulunyelwe ngabammeli bawo emkhandlwini.

“Abameli babo bafinyelele esivumelwaneni sokuthi umkhandlu ubanike amatende bahlale kuwo kuze kuphume isinqumo senkantolo,” kusho uSingh.

Incwadi yenkantolo yalo mphakathi wamaNdiya ithi umkhandlu akufanele udilize imijondolo engu-14 ekule ndawo kuze kuphume isinqumo senkantolo kodwa lo mphakathi bese uzakhele eminye imijondolo njengabo omakhelwane babo baseKupholeni.

Ngosizo lwezinhlangano ezizimele nawo umphakathi waseKupholeni unetende ohlala kulo elikhokhelwa u-R350 zonke izinsuku.

Kubukeka sengathi lezi zakhamizi seziphila ngosizo lwezihlangano ezingenzi nzuzo. Inhlangano iSouth African National Zakah Fund inikelele abantu balapha amaphasela okudla nezingubo zokulala.

UMxhumanisi wale nhlangano, uMnuz Shireen Moosa, uthe abazukugcina ngokunika lo mphakathi amaphasela okudla kodwa bazowusiza nangokufundisa amakhono athile ukuze ukwazi ukuziphilisa,” kusho uMoosa.

Lolu daba selungenelwe nayihhovisi loMvikeli woMphakathi. Okhulumela leli hhovisi, uMnuz Sibusiso Ngubane, uthe izikhalo zalo mphakathi bazoziphenya.

Isolezwe: Abadilizelwe imijondolo bathi bazophinde bakhe ngenkani

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=3918329

July 05, 2007 Edition 1

IZAKHAMUZI zasemijondolo yaseKupholeni, eChatsworth, ezibe ngezokuqala ukuba yisisulu somthetho wokuvimbela ukwakhiwa kwemijondolo KwaZulu-Natal zithi zizoqhubeka nokwakha kuyo le ndawo ezihlala kuyo.

Izolo lezi zakhamizi zizithole zingasenamizi njengoba zithe zingazelele kwafika abasebenzi bakwaMasipala weTheku bathela phansi imijondolo engaphezu kuka-50 ebikule ndawo.

Kwenzeka lokhu nje kusanda kuphasiswa umthetho i-Elimination and Prevention of Re-emergence Slums Act oqale ukusebenza ngeledlule. Lo mthetho ugunyaza oMasipala ukuthi badilize yonke imijondolo ayakhiwe ngemuva kokuphasiswa kwawo.

UMnuz Falakhe Mhlongo, okhulumela lo mphakathi, uthe basazoqhubeka nokuyakha imijondolo ngoba benza isivumelwano noMkhandlu sokuthi bazokwakha imijondolo engu-25 eyadilizwa ngePhasika.

UMkhandlu uthi ngamampunge lawo nawo uzoqhubeka nokudiliza imijondolo eyakhiwe ngokungemthetho njengoba kusho umthetho.

IKhansela lakule ndawo, uMnuz Jayraj Singh, uthe uMkhandlu ngeke ubabekezelele abantu abazingenela emhlabeni ongakhe muntu ngenkani wathi futhi abanasivumelwano nalezi zakhamuzi.

Lezi zakhamuzi zithi zaziyiziqashi esezihlale kule ndawo izinyanga eziyisithupha ngemuva kokuthi zatshelwa ukuthi azizibonele ngesikhathi kwakhelwa omasitende bazo izindlu zemixhaso nyakenye. UNksz Matswayibana Mzindi nosana lwakhe olunenyanga, uLukhona, bazolala komakhelwane babo baze bathole ezinye izimpahla zokwakha.

“Ngiphume ngesamagundane ngibalekela ukuthi ingane yami ingalimali, zonke izimpahla zethu zicekelwe phansi ngesikhathi kudilizwa umjondolo,” kusho uNksz Mzondi.

Uthi ngeke aphele amandla uzoqhubeka akhe enye indlu uma esethole amandla ngoba akasebenzi.

Omakhelwane balezi zakhamizi nabo abasalanga ngaphandle njengoba onogada ebebephelezelwa amaphoyisa behlele kubo.

“Thina sisalinde amanzi anamathoyilethi esiwathenjiswe uMkhandlu emasontweni amabili edlule kodwa sekuthunyelwa ‘ombazo’. Ngeke silale esigangeni sizoqhubeka sakhe eminye imijondolo esizolala kuyo,” kusho uMhlongo.

Isolezwe: Kuboshwe inqwaba yabadayisi futhi

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=3893527

NQWABA yabadayisi basemgwaqeni eThekwini ebizolalela icala lozakwabo abangu-25 ababoshwa ngoMsombu-luko nayo igcine ikhalelwe ngamasongo kasigonyela izolo.

Laba badayisi bashaqwe ngamaphoyisa ngaphandle kweNkantolo yeMantshi eThekwini ngemuva kokuthi benqabe ukubuyela ematafuleni abo ngesikhathi betshelwa ukuthi ozakwabo ngeke bavele enkantolo izolo.

Kwale ngisho iPhini likaMengameli webhodi elilawula abadayisi eThekwini i-Informal Traders Management Board, uMnuz Themba Duma, ebatshela ukuthi abaholi bazoxoxisana namaphoyisa abadayisi abakhululeke baphindele ematafuleni abo, kodwa bala baphetha.

“Siphindele ematafuleni siyodayisani ngoba konke esikudayisayo kuthathwe yiwo amaphoyisa? Awasibophe sonke ngoba kuyefana uma siphindela ematafuleni bazofika basifune izimvume lezi esingenazo. Asiyi ndawo,” kusho uNksz Buselaphi Mhlongo obelapha.

Isifiso sikaNksz Mhlongo sigcine sifezekile ngemuva kwamahora ambalwa bemile ngaphandle kwesango lenkantolo.

Umgwaqo ongaphambi kwenkantolo ubuvalwe ngemigqomo kadoti namapulangwe ngabadayisi ebebebonakala benomfutho becula amaculo omzabalazo.

Ngaphandle kwalokhu bebebuye bamemeze bebhekise emaphoyiseni bethi sibopheni.

Ubungaze ucabange ukuthi ubukele ifilimu ngesikhathi amaphoyisa akwaMetro Police nawoMbutho i-South African Police Services eqoqela ndawonye abadayisi bebengaphezulu kuka-1 000 esebenzisa isisi esikhalisa unyembezi namanzi.

Abanye babaleke kumnyama kunjalo, abanye baqoqelwa ndawonye bagcwaliswa izimoto zamaphoyisa ebezishintshana ziyobavalela esitokisini.

Kusale izicathulo namaselula sebeboshwa kodwa bebelokhu beziculela nje bengazi nokuthi lidumephi.

Kwabanye besifazane bekunzima njengoba kukhona novukwe yisifo sokuwa welashwa maqede waphonsa evenini.

UDuma uthe ngeke bayeke ukumasha njengoba uMasipala ungabafaki ezingxoxweni uvele ufike kubo usuzithathile izinqumo.

“Sisazoqhubeka nokuya emhlanganweni noMasipala kusihlwa (esho izolo), sifuna uMkhandlu uluqale phansi uhlelo lokunikezwa kwezimvume kubadayisi futhi kukhokhwe imali elinganayo,” kusho uDuma.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uSuperintendent Muzi Mngomezulu, uthe abakabi naso isiqiniseko ngesibalo sababoshiwe kodwa wathi kuthiwe bangaphezu kuka-500.

“Ababoshwa ngoMsombuluko kulindeleke ukuthi bavele kusasa enkantolo njengoba izolo amaphoyisa abesafuna isiqiniseko sezindawo abahlala kuzo,” kusho uMngomezulu.

Uthe ababoshwe izolo bazovela maduze ngecala lokubamba umhlangano ongavumelekile nokususa udlame emphakathini.

Isolezwe: Ifilimu ngempilo yabantu basemijondolo

UKUHLALA emijondolo engahlanzekile, ukumpintshana, amanzi ageleza anganakwa muntu, usizi lokudilizelwa, nokusha kwezindlu yinto ozoyibona maduze nje ku-SABC 3 ohlelweni iSpecial Assignment.

Lokhu kuvezwe nguMnuz Mukelani Dimba wesikhungo esisiza umphakathi ekutholeni ulwazi lokuthi izidingo zawo zizolethwa nini, i-Open Democracy Advice Centre, eseKapa (ODAC).

Uthe le filimu (documentary) ikhombisa ukuthi ulithola kanjani ilungelo lakho lokwazi elikumthethosisekelo, iRight to information Act ka-2000.

NgoMgqibelo abantu abahlala emijondolo bathole ithuba lokuyibuka kuqala le filimu, i-The right to Know, echaza ngempilo yabantu abahlala emijondolo njengoba beyethulwa ngokusemthethweni.

Le filimu ayikhulumi kuphela ngabantu abahlala emijondolo, kodwa nabahlala emakhaya aseNtambanana, ngaseMpangeni, abeswele amanzi ababethenjiswe ukuthi bayowathola uma sekufika uHulumeni wentando yabantu.

Ekhuluma kule filimu, UNksz Busisiwe Gule uthe sekuze kwakhethwa kabili amakhansela belokhu bethenjiswa ukuthi bazowathola amanzi, kodwa kungachazwa ukuthi kanjani.

Uthe bebengazi ukuthi bangedlulela phambili uma bengeneliseki yincazelo abayinikwa yikhansela.

uDimba uqoqe umphakathi wakule ndawo balibangisa emahhovisi kamasipala ukuyobuza ngezethembiso ezingagciniwe.

Imenenja kaMasipala ithe banohlelo lweminyaka emihlanu lokufakela lo mphakathi amanzi, kodwa banolunye uhlelo lokufakwa kwezigwedlo (boreholes). Ithembise ukubanika usizo ngokushesha.

Efilimini kuze kwaphela izinyanga ezimbili bengayitholi impendulo kulo mkhandlu, baze babuyela kuyo i-ODAC ukuze ibasize. ekugcineni lo mphakathi uyawathola amanzi athelwa ethangeni lomphakathi njalo ngosuku.

Kubahlali basemijondolo baseThekwini kunzima njengoba sekuphele iminyaka emibili bezama ukuthola ezikhulwini zikamasipala ukuthi zizokwakhiwa nini, kanjani futhi nakuphi izindlu? Izindlu zomxhaso zalaba bahlali ezamenyezelwa yiMeya, iKhansela Obed Mlaba ngo-2005.

Kulukhuni satshe ukuthola iMenenja yalo mkhandlu, uDkt Mike Sutcliffe uma ungumuntu nje, ngokwefilimu. uMnuz Sbu Zikode, umholi wabahlali basemjondolo, uchithwa izikhathi eziningi ngonogada baseCity Hall uma ezama lokhu.

Ngokusizwa nguDimba, ugcina embonile uSutcliffe.

USutcliffe uthi abahlali basemijondolo ngabantu abathanda ukubukwa, hhayi ngoba beqonde ukulungisa izinto.

Uyakuphika ukuthi kunzima ukuthola ulwazi kulo mkhandlu, ngoba ikhona iwebsite yalo mkhandlu echaza ngezihlelo zawo.

Enkulumweni yakhe nethimba le-ODAC uthi ukunikezwa kolwazi kubahlali basemijondolo ngezinhlelo kungaba yinkinga njengoba bebalewa ku-500 000.

Ekugcineni impendulo evela eMkhandliwini ifikile emahhovisi abahlali basemijondolo, kodwa akekho kubo ebekuqonda okubhalwe kuyo. Ulimi lwesilungu olusetshenziswe kuyo luphezulu kakhulu futhi akulula ukuthi ukuqonde okushiwo kuyo uma ungenalo ulwazi lwezomthetho.

UDimba uthe le filimu izosiza imiphakathi ukuze ikwazi ukuqinisekisa ukuthi amalungelo ayo akumthetho- sisekelo ayahlonishwa.

Usuku okuzovezwa ngayo le filimu alukaziwa.

Published on the web by Isolezwe on June 18, 2007.

Basale dengwane kusha imijondolo

ISIPHENDUKE intandane ingane enezinyanga eziyithupha ephonswe unina ngaphandle komjondolo obugqamuka amalangabi adlule nomphefumulo kanina kuKennedy Road, eThekwini, ngoMgqibelo ebusuku.

Kuthiwa uNksz Bheni Mhlakwane ongowokudabuka eMatatiela, eMpumalanga Kapa, ushe wangqonga nomjondolo wakhe ngemuva kokuphonsa ingane kuyise obengaphandle. Ibalelwa ku-100 imijondolo eshile kule ndawo nosekushiye inqwaba yabantu bengenandawo.

Okhulumela laba bahlali, uMnuz Thelumusa Lembede, uthe uNksz Mhlakwane unele wezwa kuthiwa kuyasha waphuma ngesamagundane. Uthe esesemnyango, wakhumbula ingane yakhe, waphindela ngaphakathi wabhodloza umjondolo endaweni ebingakashi wadonsa ingane wayiphonsa ngaphandle.

“Sithe sisalindele ukuthi aphume ngaleyo ntuba abeyivulile, wangaphuma. Uyise wengane ungene kuwo lo mjondolo uvutha ngentuba ephume ingane, wangamtho-la, kanti uphume ngenye intuba washa wafela khona lapho,” kusho uLembede.

Akuyena yedwa uNksz Mhlakwane ofe ngesikhathi kusha le mijondolo. NoMnuz Ephraim Phungula okusolwa ukuthi ubelele ushonele khona lapho.

“UPhungula akazange avuke ngesikhathi kumenyezwa kuthiwa kuyasha, size sabona sekucishwe umlilo ukuthi ubengaphakathi endlini,” kusho uLembede.

UNksz Dora Zulu, ongumama wezingane eziyisishiyagalolunye ubesahleli phansi kompheme osalile ngesikhathi kusha.

“Sisele nesikugqokile kuphela, nakuleli hholo esilala kulo ngilala ngezingubo zabasindile. Okubuhlungu ukuthi nginosana olunezinyanga ezine nalo olusele nelikugqokile kuphela,” kusho uNksz Zulu.

UMnuz Jacoob Baig oyikhansela lakule ndawo, uthe akekho eThekwini useGoli ezihlotsheni zakhe ebezivelelwe umshophi, kodwa wethembisa ukuthi namhlanje uzozama ukuthi abathintekile batholelwe usizo oluphuthumayo lwezingubo nokudla.

“UMkhandlu unohlelo lwezimo eziphuthumayo lokusiza abasuke besele dengwane ngizothintana nekomiti elikule ndawo libe lingibhalela umbiko ngokwenzekile kanye nenamba yabathintekayo ukuze ngikwazi ukubafaka kulolu hlelo kusasa (namhlanje),” kusho uBaig.

Okhulumela amaphoyisa kulesi sifundazwe uSupt Vincent Mdunge uthe lolu daba lubikiwe emaphoyiseni.

“Amaphoyisa athole izidumbu ezintathu kule mijondolo, abesilisa ababili nowesifazane,” kusho uMdunge.

Published on the web by Isolezwe on April 30, 2007.