Category Archives: Nontuthuko Ngubane

Isolezwe: Basola onogada bakamasipala ngobulewe ngesihluku

NONTUTHUKO NGUBANE, Isolezwe
UMPHAKATHI wasemaNsenseni, eDassenhoek, ngaphandle kwaseThekwini ukhala ngesihluku sonogada bakamasipala okuthiwa badubule babulala owesilisa ngesikhathi bezodiliza imijondolo. 

UMnuz Samuel Hloele (29) ushonele kule mijondolo izolo ekuseni emuva kokudubuleka ebusweni nasemhlane.

Kulesi sigameko kulimale kanzima abanye besilisa ababili.

Umfowabo kamufi uMnuz Samkelo Sizane uthe bafuna onogada abadubulile baboshwe.  Continue reading