Category Archives: Sandile Gumede

Isolezwe: Iyashuba eyababhikishi baseMayville

http://www.iol.co.za/isolezwe/iyashuba-eyababhikishi-basemayville-1.1537688#.Uc1DBvkwfUV

Iyashuba eyababhikishi baseMayville

By SANDILE GUMEDE

UYAQINA umkhankaso wabahlali baseMayville kuWard 30 abangafuni nokuyizwa indaba yekhansela elikhona ngoba bathi abalikhethanga. Izolo laba bahlali baphinde bavala umgwaqo uVusi Mzimela (Bellair Road) ngamathayi avuthayo nangezingodo.

Kuthiwa lo mbhikisho uqale emva komhlangano ababe nawo ngabo-8 ebusuku ngoMsombuluko nokuthiwa batholane phezulu namaphoyisa abedubula ngezinhlamvu zenjoloba nangesisi esikhalisa unyembezi, kwasa emnyango.

Kuboshwe abantu abathathu kulokhu kududulana namaphoyisa njengoba kuthiwa bashaye balimaza izimoto zamaphoyisa. Ngenyanga edlule babekhala ngento efanayo, kwaze kwangenelela izikhulu ze-ANC ezabathembisa ukuthi zizobuyela kubona emva kwamasonto amabili kodwa akwangenzeka.

Umholi womphakathi uMnuz Mduduzi “Gaddafi” Sibiya, uthi kade sadlula isikhathi ababethi bazobuyela ngaso emphakathi nokuyikho okuthukuthelise umphakathi.

“Zafika izikhulu ze-ANC emva kombhikisho odlule kukhona nelungu lesigungu esiphezulu uNomacawe Mafu, bathi bazobuyela kithi emva kwamasonto amabili, kodwa kuze kube manje lutho. Abantu bathukuthele kabi, bathi abasuki la emgwaqweni uma engafiki uZuma (uMengameli we-ANC),” kusho uSibiya.

Uqhube wathi bezwe umoyana wokuthi kukhona umhlangano ozoba khona ngoMgqibelo kodwa wathi kuyimizamo yokubanqinda amandla ukuthi bangabhikishi.

“Le ndaba yomhlangano bekuyinto engekho-nje, bekuyimizamo yokusinika ithemba elingekho. Abantu badiniwe manje ngoba abalifuni ikhansela (uNksz Zanele Ndzoyiya,” kuqhuba uSibiya.

Uthi okuphinde kwabaqeda umoya du, impendulo abayithole kuSihlalo we-ANC uMnuz Senzo Mchunu, uma bembikela ukuthi umphakathi uthukuthele ngokuphula kwabo isithembiso. Kuthiwa uMchunu uphendule ngokuthi: “Akusho lutho ukuthi sasithe sizobuya emva kwamasonto amabili, nina yekani le nto eniyenzayo ngoba ayikho emthethweni … akunina nodwa eniyi-ANC.”

Ethintwa yiSolezwe uMchunu uthe yonke imibuzo ayibhekiswe kuNobhala wesifunda uMnuz Bheki Ntshangase, okunguye olwazi kangcono lolu daba.

UNtshangase uvumile ukuthi babethembise ukuthi bazobuyela kubona emva kwamasonto amabili kodwa wathi nabo akukho abangakwenza njengoba udaba lusezandleni zesigungu esiphezulu kuzwelonke.

“Lolu daba alusekho ezandleni zethu, nathi silinde isinqumo esiyothathwa yisigungu esiphezulu kuzwelonke se-ANC. Bona bekumele balinde size sibuyele kubona noma babuze ukuthi sekumiphi, hhayi ukuthi bavale umgwaqo,” kuchaza uNtshangase.

Uphethe ngokuthi akukho abangakwenza ukuthi basuse ababhikishi.

“Ibona abayozikhethela ukuthi bayasuka noma cha, ngeke mina ngibabelethe ngithi abasuke, futhi uyazi-ke ukuthi laba bantu abangifuni,” usho kanje.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Thulani Zwane, ukuqinisekisile ukuboshwa kwamadoda amathathu ngokudala udlame emphakathini, wathi kulindeleke bavele enkantolo maduze nje.

Isolezwe: Bavale imigwaqo befuna izindlu ngodli

http://www.iol.co.za/isolezwe/bavale-imigwaqo-befuna-izindlu-ngodli-1.1532351#.UcCDWOcyZvI

Bavale imigwaqo befuna izindlu ngodli

Sandile Gumede

BADINWE bavala umgwaqo u-Alpine Road ngamathayi avuthayo nangezigodo izolo abantu abahlala emijondolo eJadhu Place, e-Overport, eThekwini, bekhala ngokugqoza kokuhlinzekwa ngezindlu kodwa kube kwakhiwa amathoyilethi kuphela.

Bathi abasalethembi ikhansela ngoba alibenzeli lutho, selokhu lakhethwa ngo-2011 alikaze libize ngisho umhlangano womphakathi ukuzobachazela ngezinhlelo zentuthuko.

Elinye ilungu lomphakathi, uMnuz Nabantu Zulu, lithe selokhu lafika kule ndawo ngo-1991 intuthuko liyizwa ngendaba, kunalokho bakhelwa amathoyilethe ekubeni bengenazo izindlu behlala emijondolo evuzayo.

“Siqome ngisho ukungayi emsebenzini ngoba sifuna izindlu nogesi,” kusho Zulu.

Uthe okunye abakufunayo wukuthi umgwaqo u-Alpine, ufakwe amarobhothi kanye nezinciphisajubane ukugwema izingozi ngoba izimoto zihamba ngesivinini esiphezulu.

“Nakuwo lo mgwaqo kudingeka kwandiswe amarobhothi, kufakwe izinciphisajubane, ukugwema izingozi. NgoLwesihlanu kuwo lo mgwaqo kukhona umuntu owashayiswa yimoto eyayigijima ngesivinini esiphezulu, ingalo yanqamuka,”kusho uZulu.

UNksz Landeleni Dlamini (41), ohlala emjondolo onekamelo elilodwa, uthe okudale waba wahlanganyela embhikishweni wukuthi uyayidinga indlu njengoba ethi bampintshene okosayidinsi ethinini.

“Mina ngihlala emjondolo nomasihlalisane wami kanye nezingane ezimbili. Angihleli kahle ngoba lo mjondolo mncane kwawona njengoba umntwana wami ona-10 uyaphoqeleka ukuthi alale phansi. Asibi naso nesikhathi sokuxoxa ngezinkinga zethu njengabantu abadala phambi kwezingane,”kusho uNksz Dlamini.

Ekuhambeni kosuku, iMeya yeTheku, uMnuz James Nxumalo, igcine ifikile ukuzolalela izikhalo zabantu, yabe isicela ukuba umphakathi ukhethe ikomidi elizowumela uma sebehlangana ngoLwesibili oluzayo.

“Sigcine sifikile nemeya ukuzozwa izikhalo zabantu, kwavunyelwana ukuthi abantu behlise imimoya bese bekhetha ithimba labantu abayishumi elizohlangana nemeya, ukuze bathole ithuba lokwethula izikhalo zabo ngoLwesibili. Sizohlangana nabo kanye nayo yonke iminyango ethintekayo ngaphansi kukamasipala weTheku,” kusho ikhansela Bhekisani Ngcobo wakuwadi 25.

Ebantwini abebebhikisha kugcine kuboshwe abane ngokudala uthuthuva emphakathini. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Thulani Zwane, uthe kulindeleke ukuba bavele eNkantolo yeMantshi eThekwini namuhla.