Isolezwe: Bagadle zephuka bechitha owezimfihlo

http://www.iol.co.za/isolezwe/bagadle-zephuka-bechitha-owezimfihlo-1.1184727

Bagadle zephuka bechitha owezimfihlo

KUSAZOSHUBA ngomthetho wezimfihlo ophasiswe ngokusemthethweni izolo yiPhalamende lakuleli phezu kwengcindezi yezinhlangano eziphikisayo ezizame konke ukuthi inhlangano ebusayo i-ANC ingaqhubeki nawo.

Kube ngokokuqala ePhalamende izinhlangano eziphikisayo zibonakala ziba yimbumba zilwa ne-ANC ngalo mthetho kodwa zagcina zikhale ngaphansi ngenxa yesibalo esikhulu samalungu e-ANC ePhalamende. Ngaphandle kwePhalamende izinhlangano ezingahambisani nalo mthethosivivinywa obizwa nge-Protection of State Information Bill bezibhikisha ziphethe nezingqwembe ezigxeka i-ANC ngokuthi ifuna ukubuyisela leli zwe emuva.

I-ANC ithole ukwesekwa ngamavoti angu-229, kwathi amaqembu aphikisayo athola amavoti angu-107. EPhalamende i-ANC isiyonke inamalungu angu-264. Abangu-35 bebengekho.

I-DA inamalungu angu-67, iCope 30, i-IFP 18 bese kuba khona namanye amaqembu kanti esewonke amalungu amaqembu aphikisayo angu- 136, okusho ukuthi amalungu angu-27 abengekho izolo kuvotwa.
no ibil2

Abahlaziyi bathi lo mthetho awuthinti nje kuphela abezindaba kodwa uthinta wonke umuntu ngoba kukhona imininingwane engeke isatholakala ngisho nasezindaweni eziyimitapo yezincwadi, ezinkantolo ngisho nasezinkampanini.

IDA ngomlomo womholi wayo ePhalamende uNksz Lindiwe Mazibuko ithe izodlulisela isikhalo sayo eNkantolo yoMthethosisekelo ngalo mthetho.

UMazibuko, ongene kwaduma ihlombe ngisho nakwamanye amaqembu aphikisayo, uthe ngeke bathule basonge izandla ngalo mthetho.

Umholi weCope obevutha uMnuz Mosiuoa Lekota uthe kufana nokubuyisela izwe emuva ukuphasiswa kwalo mthetho. NaseThekwini kube nombhikisho ngaphandle kwaseCity Hall.

USihlalo weSouth Durban Cummunity Environmental Alliance uMnuz Desmond D’sa izolo uthe bazoqhubeka nemikhankaso yabo yokulwa nalo mthetho.

UD’sa ubekhuluma namakhulu abantu abebebhikisha ngaphandle kwasehholo laseThekwini izolo ntambama.

Iningi labantu abebeyingxenye yalo mbhikisho bekuyizintatheli ziphethe izingqwembe. Ezinye izingqwembe bezibhalwe ukuthi “ubandlululo lomnyama”.

UD’sa uthe imibhikisho izoqhubeka kuyona yonke imigwaqo ukuphikisana nalo mthetho.

“Sizoziseka izinhlangano ezizoyisa uhulumeni eNkantolo yoMthethosisekelo ngalolu daba,” usho kanje.

Abafundi nothisha basemanyuvesi bebe- yingxenye yale mibhikisho.

USolwazi e-University of KwaZulu-Natal uKeyan Tomaselli uthe le mibhikisho izoba wusizo.

“Ngesikhathi abantu beveza izikhalo ngokuthengwa kwezikhali, abanye babecabanga ukuthi kumoshwa isikhathi kodwa manje buka ukuthi sekwenzekani ngalolu daba lwezikhali,” usho kanje.

UTomaselli uthe lo mthetho uzoba nemiphumela emibi kwabaseNingizimu Afrika.

Uthe lo mthetho uzothikameza zonke izinhlaka, wengeza ngokuthi abacwaningi nothisha kuzomele manje bawubhekisise umthetho uma befuna ukwenza umsebenzi wabo.

Izolo abezindaba abaningi bebegqoke izingubo ezimnyama ngenhloso yokuzama ukucindezela uhulumeni ukuthi angawuphasisi lo mthetho.

Kuzokhumbuleka ukuthi inhlangano yabahleli kuleli iSanef ibiphikisana nalo mthetho nangesikhathi ungakavotelwa.