Category Archives: Kwanele Ncalane

Isolezwe: Uthuthuva aMacambi evala u-N2

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=4747385

Uthuthuva aMacambi evala u-N2

December 05, 2008 Edition 1

Kwanele Ncalane

KUSUKE esinamathambo izolo amaphoyisa evulela ngezinhlamvu zenjoloba ejijimeza umphakathi waseMacambini obuvale umgwaqo onguthelawayeka u-N2 nobubhikishela uhlelo olwathulwa nguNdunankulu wesifundazwe, uMnuz Sbu Ndebele, lwenkampani yaseDubai, iRuwaad, lwentuthuko ka-R44 billion.

Amalungu omphakathi amaningi abelimele futhi enezibazi lapho eshaywe khona yizinhlamvu zenjoloba kanti amanye alale ebaliwe njengoba amaphoyisa eveze ukuthi bese kukhona ukucekelwa phansi kwempahla kanti nokuhlangana kwalo mphakathi bekungekho emthethweni.

Lo mphakathi ubulokhu ushaya iziqubulo ugxeka uNdebele.

Amaphoyisa abekanise ngobuningi bawo eqaphe isimo kanti ngokombiko wawo cishe ukuhilizisana phakathi kwawo nomphakathi kuthathe usuku lonke.

Okhulumela amaphoyisa esifundazwe, uSupt Vincent Mdunge, uthe abalelwa ku-1 500 amalungu omphakathi abehlangene.

“Bekushiswa amathayi kushaywa nezimoto kanti bese kucekelwa phansi nempahla. Amaphoyisa abanikile imizuzu ebakhuza ukuba behlakazeke kodwa kwaba nhlanga zimuka nomoya, manje amaphoyisa awakwazi ukubukela abantu bephula umthetho. Abe esethumela izinhlamvu zenjoloba,” kusho uMdunge.

Uqhube wathi abanayo imininingwane yabantu abalimalile kodwa wathi kungaba kuhle baphumele obala ukuze babhekane nengalo yomthetho ngoba lokho kusho ukuthi bangabasolwa emacaleni abucayi okucekelwa kwempahla nokuhlangana ngokungemthetho.

Ngokusho kukaMdunge bangaphezulu kwabathathu abantu ababoshiwe kodwa wathi basalinde umbiko ogcwele eziteshini zamaphoyisa ezakhele le ndawo.

UMnuz Thulani Mathonsi (57), uthe wazalelwa kule ndawo futhi ngeke ahambe ashiye amathuna akubo.

“Laba ababoshiwe abadedelwe ngoba bebelwela izwe labo. Sizoqhubeka nemibhikisho nokuvala imigwaqo uma uNdebele engaphenduli,” kusho yena.

UNksz Philile Mdletshe (20) obelimele nabanye ozakwabo ababili bagxeke amaphoyisa bathi abalandele abadubula ngisho sebesemakhaya.

Inkosi yakule ndawo, uKhayelihle Mathaba, ithe iphatheke kabi ngoba kufanele ngabe amaphoyisa yiwona avikela abantu kodwa yiwona abahlukumezayo.

“Awahlukile namaphoyisa angesikhathi sobandlululo. Sinxusa uNdunankulu wethu ukuba asivikele kule nkinga ngokuthi avele aluhoxise lolu hlelo ngoba vele ngeke luphumelele,” kusho uMathaba.

Ngokombiko waphambilini kwavela ukuthi lolu hlelo lwentuthuko luzodinga ama-hectare angu-16 500 kanti kungase kususwe imindeni ebalelwa ku-8 000 kuya ku-10 000.

Okhulumela uNdebele, uMnuz Logan Maistry, ukhiphe isitatimende lapho eveze khona ukuthi ngokuba-mbisana nomkhandlu wesifunda iLembe nowase-Mandeni bazoxhumana nabo bonke abathintekayo futhi bazolandela yonke imigudu yomthetho efanele.

Esitatimendeni esikhishwe yi-ANC, ikugxekile lokhu kubhikisha okuhambisana nodlame nokushaywa kwabantu bezimoto abangenacala.

“Uhulumeni akanazinhloso zokufaka ngenkani intuthuko emphakathini okubalwa nowaseMacambini futhi lokhu kubhikishela kwawo umhlaba bekungenasidingo,” kusho lesi sitatimende.

Iqhube ngokunxusa ukuba kugwenywe ukufakwa kwepolitiki kulolu daba kodwa kuxhunyanwe nabo bonke abathintekayo ngendlela eyakhayo.

Isolezwe: Bafuna ukuvikela imijondolo Abahlali

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=3895535

June 21, 2007 Edition 1

INHLANGANO emele abahlali basezindaweni eziyimijondolo eyaziwa ngokuthi Abahlali baseMijondolo, isisabise ngokuthi izothathela uHulumeni waKwaZulu-Natal izinyathelo zomthetho uma kuwukuthi namuhla isiShayamthetho sesifundazwe siyawuphasisa umthetho okuhloswe ngawo ukuthi kuqedwe nya ukwakhiwa kwemijondolo.

Izolo le nhlangano uzwakalise ukuthi izophuma nxa zonke ukulwisana nokuphasiswa komthethosivivinyo, i-Elimination and Prevention of the Re-emergence of Slums Bill.

Lo mthetho kulindeleke ukuthi namuhla udingidwe ngamalungu esiShayamthetho, bese uyavotelwa kanti abukeka emaningi amathuba okuthi uphasiswe.

Ngokusho kukaMengameli wale nhlangano (Abahlali baseMjondolo), uMnuz Sbu Zikode, kabahambisani nalo mthetho wathi uhlose ukuzobahlukumeza njengabahlali.

“Okubuhlungu ngalo mthetho wukuthi ulimaza amalungelo abahlali futhi uyashayisana nomthethosisekelo wezwe. Thina bahlali asizange sithintwe, kunalokho sitshelwe ukuthi sizoya ePhalamende kusasa ukuyobukela. Sizokwenza konke okusemandleni ukuthi lo mthetho ungaqhubeki,” kusho uZikode.

Uqhube wathi kumanje lolu daba sebevele sebeluthathile balubeka ezithebeni zabameli babo, nanti zikhona nezincwadi abathi sebezibhalele uMnyango wezeZindlu oholwa nguNgqongqoshe uMnuz Mike Mabuyakhulu (osesithombeni).

Ngokusho koMnyango kaMabuyakhulu, lo mthetho kuhloswe ngawo ukuthi kushabalaliswe yonke imijondolo futhi kunqandwe nokuvumbuka kwemisha.

Isitatimende esithunyelwe nguMnyango izolo, siveza ukuthi lo mthetho uzobe ungowokuqala kuleli kanti uphokophele ekufezeni iphupho likaHulumeni lokuqeda imijondolo ngonyaka ka-2014.

Uma uphasa lo mthetho uzonikeza omasipala ilungelo lokubheka isibalo semijondolo engaphansi kwayo kanti umnyango usamile ekuqhubekeni nokwakha izindlu ezisezingeni, ukuphucula izimpilo zabantu.