Category Archives: Thami Ngubane

Isolezwe: Inhlangano yabantu basemijondolo ihlele imash

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=4055645

Inhlangano yabantu abahlala emijondolo, Abahlali Basemjondolo, ihlele ukhukhulelangoqo wemashi ebheke emahhovisi kamasipala weTheku namuhla ngenxa yabakubiza ngokuthathelwa phansi kwezidingo zabo, okuhlanganisa udaba lwezindlu.

September 28, 2007

Le nhlangano ikhala nangokuthi njalo uma ifuna ukuhlala phansi ixoxisane nezikhulu zomkhandlu ziyibambisa udonga zilokhu ziyithembisa ukuthi ziyeza.

Ithi yingakho isikhethe ukuthi kumashwe ukuze abalandeli bayo bakwazi ukudlulisa ilaka labo.

Le mashi ihlelelwe ukuthi iphelele eSpringfield Park emahhovisi ekhansela lakule ndawo, uMnuz Yacoob Baig, njengoba bezobe besuka emijondolo yaseKennedy Road ngenhloso yokuthi badlulise incwadi enohla lwezikhalo zabo.
Esitatimendeni sale nhlangano ithe okubakhalisa kakhulu yilo mthetho omusha ovimbela ukwakhiwa kwemijondolo emisha noma ukuyivuselela uma kade idiliziwe, i-KZN Elimination and Prevention of Re-Emergence of Slums Bill.

“Izikhulu zalo Mkhandlu zenza sengathi asibona abantu futhi abafuni nokusakhela izindlu.

Yingakho sizobe simasha ngaphansi kwesiqubulo esithi Land and Housing in the City,” kusho isitatimende.

Isolezwe: Kuzoba nzima kwabemijondolo

August 03, 2007

Umasipala waseThekwini uthi uzobathathela izinyathelo ezinqala labo abahambe begxumeka imijondolo noma ngabe yikuphi ngoba bethi bafuna ukwakhelwa izindlu.

Lokhu kuthiwa ngeke kwenziwe kumalungu omphakathi kuphela ngoba ngisho namakhansela imbala agqugquzela lokhu nawo azozithola esenkingeni enkulu.

Lokhu kulandela isiphakamiso esichithiwe kuleli sonto seqembu eliphikisayo kumasipala, iMinority Front (MF), sokuthi kuzomele umasipala ushintshe indlela osingethe ngayo udaba lwabantu abahlezi ngenkani emhlabeni kamasipala eCrossmoor, eChatsworth, eningizimu yeTheku.

Laba bantu bathatha le ndawo ngonyaka odlule bagxumeka imijondolo ngaphandle kwemvume.

Sekukaningi umasipala enza imizamo yokubasusa kodwa baphinde babuye bayigxumeke.

Ilungu lekomidi eliphezulu kumasipala, uNkk Nomvuso Shabalala, lithe ngoba vele ukhona umthetho owaphasiswa uHulumeni wesiFundazwe ovimbela lokhu kumele usebenze.

Ikhansela le-MF, uMnuz Jayraj Singh, uzame kaningana ukuncenga umasipala ukuthi ubazwele laba bantu ngenxa yesimo abaphila ngaphansi kwaso kodwa iMeya yomkhandlu, uMnuz Obed Mlaba (osesithombeni), wathi ngeke kwenzeke lokho.

Ikomidi eliphezulu lomkhandlu lisole uSingh ngokuthi nguye lo ogqugquzela laba bantu ukuthi bagxumeke imijondolo yonke indawo.

INhloko ophikweni lwezeZindlu, uMnuz Nigel Gumede, ithe kuzomele kwenziwe uphenyo olunzulu ngezenzo zamakhansela ahamba etshela abantu ukuthi bagxumeke imijondolo, bese bemashela emahhovisi kamasipala bethi bafuna ukwakhelwa izindlu.

Abaholi bomkhandlu babuze uSingh ukuthi kungani kumele bakhele abantu abasahlale emijondolo izinyanga eziyisithupha izindlu, ekubeni kunasebehlale iminyaka engu-20 belinde izindlu.

Iphini leMeya, uMnuz Logie Naidoo, lithe bukhona ubufakazi ngamakhansela atshela abantu ukuthi bahlale ngenkani emhlabeni kamasipala.