Category Archives: ugesi

Isolezwe: Bakhala ngesihluku abahlala emjondolo

http://www.iol.co.za/isolezwe/bakhala-ngesihluku-abahlala-emjondolo-1.1113754

Bakhala ngesihluku abahlala emjondolo

BABHOKA bayakhahlela abahlali basemjondolo ekuKennedy Road njengoba besola uMasipala weTheku ngokubahlukumeza uma uzokhipha izintambo zikagesi ezixhunywe ngokungemthetho.

Laba bahlali bathi ngeke bayeke ukuxhuma ugesi ngokungemthetho ngoba yiphutha likaMasipala elenza bagcine sebewuntshontsha kwazise akafuni ukubafakela.

NgoMgqibelo kulimale abafana ababili uMlamuli Bongo (16) noLindani Dube (17) abanye badubuleka ngesikhathi onogada bakaMasipala weTheku beyogqashula izintambo ezixhunywe ngokungemthetho.

Ngokusho kukaNkk Busisiwe Ntwana wenhlangano yabahlali basemjondolo oveze ukuthi useneminyaka engu-22 ehlala kuKennedy Road, ngesikhathi kufika ababezogqashula izintambo kwaba nomdonsiswano phakathi kwabahlali basemjondolo nabasebenzi bakamasipala abantu bebuza ukuthi kungani umasipala ugqashula izintambo ngempelasonto.

“Abantu babuza ukuthi yini ndaba umasipala enza lokhu ngempelasonto, abanye bathatha izintambo bayozifihla ezindlini. Kulapho-ke onogada bavulela ngenhlamvu kwadubuleka laba bafana ababili,” kuchaza uNkk Ntwana.

Uthe yiphutha likamasipala ukuthi kudubuleke abantu ngoba yiwona odala ukuthi bantshontshe ugesi kwazise kudala bacela ukufakelwa owekhadi kodwa izikhulu zomkhandlu zinqabe.

UMnuz Thabo Mofokeng obhekelele ezokuxhumana kuMasipala weTheku uthe basazoqhubeka nokugqashula izintambo zikagesi oxhunywe ngokungemthetho ngoba uyingozi futhi lesi senzo siphambene nomthetho.

Mayelana nodaba lokulimala kwabafana uthe akanayo imininingwane yalo kodwa-ke akwaziyo wukuthi ukuphepha kwabasebenzi babo abagqashula izintambo kubalulekile yingakho behamba nonogada.

Ngonyaka odlule uMasipala weTheku ulahlekelwe yimali engaphezu kuka-R120 million ngogesi womgunyathi kanti zingaphezu kweshumi izingane ezibulawa wukushokhwa wugesi.

Abanemizi eyakhelene nemijondolo eReservoir Hills, Sydenham nase-Claire Estate bese beqalile ukuzwela njengoba umasipala ububanqa-mulela ugesi futhi nabo bagcina sebesaba ukuthi izingane zingalinyazwa yizintambo zikagesi ezisaphazeke emgwaqweni.

Isolezwe: Sizobaxosha abafuna ivoti lethu emjondolo

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=5639121

Sizobaxosha abafuna ivoti lethu emjondolo

September 09, 2010 Edition 1

MHLELI: Ngithi angithathe leli thuba ngibonge umsebenzi omuhle owenziwe ngabahlali basemjondolo. Besilokhu sihlezi engcindezelweni yokungawazi amalungelo ethu sithi uma sifika emakhanseleni angasinaki.

Okubuhlungu wukuthi sawakhetha la makhansela ukuthi asisebenzele kodwa sijike sisetshenzelwe yinhlangano engavotelwa. Umbuzo munye uthi njengoba sekuzovotwa ngabe amakhansela abheke ukuthi siwavotele yini njengoba engasinakekeli?

Sicela emijondolo yethu kungafiki bakhankasi bezofuna ukuthi sibavotele ngoba sizobaxosha. Uma nje singakabi nawo ugesi, amanzi namathoyilethi bangazixaki beze kithi ngoba bona bahlezi ezindlini ezinezidingo eziphelele.

Abahlali basemjondolo basisize ngokuthi siwazi amalungelo ethu. Sizohlala kule mijondolo, angeke siye emathinini. Sizophuma ngoba sesiya ezindlini zethu zomxhaso.

Nelisiwe Nzimande

ETHEKWINI