Category Archives: imibono

Isolezwe: Abaxoshwe ovilavoco abasincisha izindlu zemixhaso

Isolezwe, 14/01/2011

Abaxoshwe ovilavoco abasincisha izindlu zemixhaso

MHLELI: Ngiphe ngiphawule esitatimendeni esikhishwe uNgqongqoshe woMnyango Wezokuhlaliswa kwabantu kuzwe lonke uMnuz Tokyo Sexwale mhla zingu-11 kwephezulu, malunga nodaba lwezifundazwe ezihlulekile ukusebenzisa izimali zokwakhelwa abantu izindlu.

Kulezi zifundazwe kubalwe iKwaZuluNatal, iWestern Cape, Free State ne-Eastern Cape.

I-KwaZulu-Natal ingenye yalezi zifundazwe ezine ezihlulekile ukusebenzisa imali zaze zayibuyisela emuva kuhulumeni omkhulu noma zihlulekile ukuletha amapulani aphusile asho ukuthi ahlele ukuyithuthukisa kanjani imiphakathi ngezindlu.

Continue reading

Isolezwe: Sizobaxosha abafuna ivoti lethu emjondolo

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=5639121

Sizobaxosha abafuna ivoti lethu emjondolo

September 09, 2010 Edition 1

MHLELI: Ngithi angithathe leli thuba ngibonge umsebenzi omuhle owenziwe ngabahlali basemjondolo. Besilokhu sihlezi engcindezelweni yokungawazi amalungelo ethu sithi uma sifika emakhanseleni angasinaki.

Okubuhlungu wukuthi sawakhetha la makhansela ukuthi asisebenzele kodwa sijike sisetshenzelwe yinhlangano engavotelwa. Umbuzo munye uthi njengoba sekuzovotwa ngabe amakhansela abheke ukuthi siwavotele yini njengoba engasinakekeli?

Sicela emijondolo yethu kungafiki bakhankasi bezofuna ukuthi sibavotele ngoba sizobaxosha. Uma nje singakabi nawo ugesi, amanzi namathoyilethi bangazixaki beze kithi ngoba bona bahlezi ezindlini ezinezidingo eziphelele.

Abahlali basemjondolo basisize ngokuthi siwazi amalungelo ethu. Sizohlala kule mijondolo, angeke siye emathinini. Sizophuma ngoba sesiya ezindlini zethu zomxhaso.

Nelisiwe Nzimande

ETHEKWINI

Ivangeli Akuyona Into Yokuzicebisa

Ivangeli Akuyona Into Yokuzicebisa

Mhleli ngithintwa isikhalo sabanye babazalwane malunga nodaba lweNtsunami (N.J. Sithole) neZakhe. Engifuna ukukuveza nami ngingumzalwane kodwa uma abazalwane bethatha isiqumo sokuqalekisa Ilanga nezintatheli lokho ngabe kungcono uma i argument yabo ithi ilanga linamanga hayi ngoba libhale iqiniso abangahambisani nalo yingakho siwumphakathi singahambisani nokuthi izintatheli ziqedelwe ilungelo lokuzimela ngale midia tribunal ngoba siyakuthokozela ukuzwa amaqiniso ngezinto zonke ezenzeka ezweni sakhile noma usopolitiki noma usomabhizinisi noba umfundisi iqoba nje uma lingasiqambeli amanga. Odabeni lomnikelo ka R78000 ivangeli alihambisani nakho njengoba lemali ingangenanga ebadleni kodwa ingene ephaketheni lakhe incwadi yabasekorinte besibili isahluko 9 ivesi 7 ikubeka kucace bha ukuthi yilowo nalowo anikele njengalokho azikhethele khona enhliziyeni yakhe kungabi ngokudabuka nangokucindezelwa ngokuba uNkulunkulu uyamthanda onikela ethokoza manje kuloludaba angikuboni ukuthokoza ngoba kwakuyimali yokugcina ethembe ukuthi umkhuleko kaMfundisi ungamsiza lapho awukathokozi uma lowo msebenzi oshiwoyo awukawutholi intokozo uyiyithola uma usuthole omunye umsebenzi. Udaba lokuqalekisa izintatheli zephepha akuhambisani nezimfundiso zikaJesu ngoba encwadini kaLuka 23 verse 34 lapho ithi khona Baba bathethelele ngoba abakwazi abakwenzayo bangaqalekisi. Okunye izinceku zami ezikukhohlwayo ukuthi iLanga lizibhalile nendaba ezihle ngo N J Sithole lapho beveza idlela abewakhipha ngayo amadimoni ezikoleni nangesikhathi ewasha bonke abafundisi abaphekwa uyena ebageza izadla njengoJesun esehamba konke lokho alinconywa ilanga ngakho. Bazalwane ivangeli phambili imali emuva imali yeminikelo ayenze imisebenzi yebadla hayi ukuthenga izimoto eziphambi namasudi abizayo. Akucace ukuthi umuntu ubizelwe ukushumayela ivangeli noma imali.

Mnikelo Ndabankulu
Clare-Estate

Isolezwe: Waze wanobuntu umshayeli wetekisi

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=4124978
Sibhalele

Waze wanobuntu umshayeli wetekisi

November 12, 2007 Edition 1

Mhleli: Ngivumele ngidlulise lokhu okuhle okwenziwe ngumshayeli wetekisi. Kuyangithokozisa ukulobela le ngosi ngingakhali ngalutho kepha ngibonga.

Umshayeli wetekisi esebenzisa umzila weseClare Estate obizwa ngoSipho wemoto yakwaLanga wangiqophela umlando ngesikhathi sesithi ubuntu abusekho.

NgoLwesihlanu mhla ka-9 Novemba ngithathe itekisi ngenjwayelo ngilibangise edolobheni kwenzeka lokhu okubhalwe emabhasini akwaDurban Transport okuthi mamatheka, bingelela umshayeli, ngakwenza lokho ngingazi ukuthi ngiyazisiza.

Ngathi uma ngehla nje emotweni ngakhumbula ukuthi ngishiye imali engango-R150, ngabuyela kuyena wanginika iphelele.

Ngicabanga ukuthi uma ngabe besingaphathana kahle ubungeke unembeza wakhe umvumele angitholisele ngoba okuzovela ukuthi yilo muntu obedelela, angibonanga mali mina ngangihlezi naye ngaphambili kuphela.

Ngiqala ukumbona kulo mzila wethu sahlaziya kancane izinto ezifana nokushibha kakhulu emalini yokugibela ngakithi engu-R3.50 ukuya edolobheni sathi leli nani eliphansi kangaka lokugibela linomthelela omkhulu ekutheni abahlali basemijondolo e-Clare Estate bangafuni nokuyizwa eyokwakhelwa imixhaso ngale koVerulam nase-Parkgate lapho sebezophoqeleka ukuthi bakhokhe o-R10 isingili.

Nginesifiso sokuthi lo mshayeli athole umklomelo ngokuba nobuntu.

MM Ndabankulu

CLARE ESTATE