Category Archives: Celani Sikhakhane

Isolezwe: Bafuna ugesi abashelwe yimijondolo

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=5445592

Bafuna ugesi abashelwe yimijondolo
April 27, 2010 Edition 2

CELANI SIKHAKHANE

ABAHLALA emijondolo eku-Kennedy Road eThekwini bathi ukungafakelwa ugesi
yikhona okuyimbangela yokuthi bahlale ngokushelwa yizindlu ebashiya
behlwempu.

Lokhu kulandela isigameko sayizolo sokuqubuka komlilo oshise inqwaba
yemijondolo yakule ndawo noshiye abanye abantu besele nabebekugqokile
kuphela.

UNksz Nkosingiphile Buthelezi oseqede iminyaka engu-14 ehlala kule mijondolo
uthe ubesemsebenzini ngesikhathi kuqala lo mlilo kanti ushelwe yikho konke
abenakho .

“Ngisele nezimpahla zokusebenza kuphela, akukho okunye enginakho.
Okubuhlungu nje ukuthi angazi ukuthi ngizothathani ngihlanganise nani
njengoba ngilahlekelwe yinqwaba yezimpahla,” kusho uNksz Buthelezi.

Ngesikhathi abezicishamlilo bematasa becisha, abantu bakule ndawo bebebalisa
ngokuthi kazi bona bonani ngokungafakelwa ugesi nokwakhelwa imixhaso.

Usizi belubonakala ebusweni njengoba abanye bebebonakala bethulisa izingane
ezincane ezisinde kulo mlilo obusha ubuhanguhangu.

Eqeqebaneni labesifazane ebeligone izingane kuzwakale kukhona othi ngendlela
abahlukumezeka ngayo angafunga ukuthi ukuhlupheka bakuthenga.

Abanye bebeze bakhale nangokuthi ngabe kungcono ukuba bafakelwa ugesi
nezindlu ngoba isinzima ngokwedlulele impilo yakule mijondolo ehlaselwa
umlilo njalo uma sekuqala ubusika.

Okuvelayo ukuthi kunomunye wabahlali okusolwa ukuthi ubeshiye isitofu
sivutha ngesikhathi eya emsebenzini njengoba kuthiwa umlilo waqubuka komunye
wemijondolo.

UMnuz Sipho Ntshele (26) uthe wayeyothenga iphepha nokuthe uma esebuya
wazithela phezu kwelangabi elikhulu obese kunzima ukulicisha.

Uthe kube nzima ngisho ukufinyelela emjondolo wakhe nokuholele ekutheni naye
ashelwe yizo zonke izimpahla zakhe nomazisi.

Le ndawo isifana nesizinda somlilo ohlale ushisa imijondolo njengoba abanye
abahlali bethi sekuphele iminyaka engaphezulu kweyishumi bephila le mpilo
yokushelwa yizimpahla.

Kwenzeka lokhu nje akukapheli isikhathi eside kuqubuke umlilo emijondolo
yaseCato Crest, eMayville, nawo owashiya abantu besele dengwane.

Olwasemijondolo lungenelelwe yiBandla lamaSheshi

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=5266707

Olwasemijondolo lungenelelwe yiBandla lamaSheshi

November 30, 2009 Edition 1

CELANI SIKHAKHANE

ABEBANDLA lamaSheshi KwaZulu-Natal bathi bazosungula uphenyo oluzimele ngezigameko zokuhlaselwa kwabahlali basemijondolo yakuKennedy Road.

Leli bandla likusho lokhu ngemuva kokuzwakalisa ukunganeliseki ngendlela amaphoyisa aqhuba ngayo uphenyo ngokubulawa kwabantu okwenzeke ezinyangeni ezimbalwa kuleya mijondolo .

UMbhishobhi waleli bandla, uRuben Phillip, uthe ngenxa yokunganeliseki ngokuphenya kwamaphoyisa, sebethathe isinqumo sokuba bazisungulele bona uphenyo oluzimele noluzocacisa kabanzi ngokuhlukumezeka kwabantu kuleya mijondolo .

NgoLwesihlanu abebandla lamaSheshi namaWeseli bahlangane kule mijondolo ngenhloso yokuhambisa umkhuleko nokuyobheka isimo njengoba kube nezigameko zokuhlaselwa kwabantu.

“Okusiphatha kabi wukuthi amaphoyisa akhombisa ukuba ngasohlangothini lukahulumeni. Lokhu kwenza nabantu bagcine bengasawethembi ngoba akukho akwenzile ukubavikela yingakho nathi siyibandla sesithathe isinqumo sokusungula uphenyo oluzimele olungahlangani nalolu lukahulumeni,” kuchaza uPhillip.

Uthe ukuhlukumezeka kwabantu baku-Kennedy Road akuzange kuthinte abantu baKwaZulu-Natal kuphela kodwa ngisho izinhlangano zamazwe aphesheya kwezilwandle zikhombisa okukhu-lu ukuzwelana nabahlali bakuleya ndawo.

Kuwona lo mkhuleko abahlali baphinde bakhomba ngenjumbane amakhansela ngezigemegeme zakuleya mijondolo.

Abahlali basola amakhansela ngokuthi abahlanganyela namaphoyisa nokwenza bangabe besawathemba ngoba awakhombisi ukuba sohlangothini lwabo.

UMbhishobhi wamaWeseli eThekwini, uMichael Voster, uthe isenzo samaphoyisa ngabantu bakuKennedy Road sibuyisa isithombe esibi sangezikhathi zobandlulo lapho amaphoyisa ayeba ngasohlangothini lukahulumeni .

“Kusiphatha kabi ukuthi namanje amaphoyisa kusekhona izikhathi lapho ekhombisa ukuvikela umbuso esikhundleni sokuvikela abantu ababuthaka. Abantu bakule mijondolo bahlukumezeke kakhulu kusuka behlaselwa kubulawa nezihlobo zabo ngakho bekungalindelekile ukuthi bazithole sebecindezelwa ngisho nangamaphoyisa okuyiwona abathembele kuwo,” kubeka uVoster owangena ezicathulweni zikaBishop Purity Malinga.

Uthe nakuba uhulumeni wakwaZulu-Natal ekhombisa ukungayeseki inhlangano, Abahlali Basemjondolo, kodwa bona bengamabandla bazoyeseka kuze kube sekugcineni.

Phambilini abahlali baku-Kennedy bake bakhomba ngenjumbane i-ANC ngokuhlaselwa kwabo kodwa le nhlangano yaphumela obala yaziqhelelanisa nakho konke eyayimataniswa nakho okungalungile.

I-ANC yakubeka kwacaca ukuthi nayo iyingxenye yokuthola isixazululo sokukhulula abantu bakuleya mijondolo kanti yaphinde yanxusa uhulumeni nomasipala ukuba alusukumele udaba lwakamuva lokubulawa kwabantu bakule mijondolo.

Ubuholi namakhansela bayichithile imibiko yokuthi kukhona ukwenzelela ngophenyo oluqhubekayo olwenziwa ngamaphoyisa kule ndawo.

Isolezwe: I-ANC iphika imibiko yokuhlasela abahlali

I-ANC iphika imibiko yokuhlasela abahlali

October 09, 2009 Edition 1

CELANI SIKHAKHANE

I-ANC KwaZulu-Natal isizwakalise ukungenami ngezinsolo ezibhekiswe kuleli qembu ngezigameko zakamuva zokubulawa kwabantu emijondolo ekuKennedy Road, eThekwini.

Lokhu kulandela izinsolo ebezishiwo ngabahlali bakule mijondolo zokuthi i-ANC inesandla ekuhlaselweni kwabo nasekuboshweni kwabaholi bakhona.

UMnuz Sihle Zikalala, onguNobhala we-ANC kulesi sifundazwe, uthe konke lokhu obekushiwo ngaleli qembu kungamampunge futhi kuyizinto ezingabambeki.

“I-ANC izimisele ukuhlangana nabahlali basemjondolo ukuze kudingidwe ngezingqinamba abahlangabezana nazo, futhi sifuna ukuba umphakathi uqonde ukuba thina kasihlangene nakancane nezigameko zakamuva ezinesihluku ngalolu hlobo. Yingakho nje nohulumeni wesifundazwe eze wathumela ithimba lezokuphepha nophiko oluzophenya ngalokhu obekwenzeka,” kuchaza uZikalala.

UZikalala uphinde wakugxeka lokhu kuhlasela wathi angeke nakancane zibekezelelwe izigameko ezifana nalezi ngoba zingubugebengu obuhlukumeza umphakathi.

Uveze nokuthi bazimisele ukuhlangana nabahlali ukuze bakwazi ukuxazulula isimo esikhona njengamanje.

I-ANC ikusho lokhu nje nebandla lamaSheshi kulesi sifundazwe lizwakalise ukweseka abaholi bakule ndawo ababoshiwe, linxusa ukuba badedelwe ukuze kuxoxiswane ngalolu daba oselususe umsindo lwadonsa ngisho nabezindaba bakwamanye amazwe.

UMbhishobhi Rubin Philip wamaSheshi uthe kuzomele uhulumeni wesifundazwe noMasipala weTheku bahlangane nabahlali basemjondolo ukuzebabuyisane kuphele lo mdonsiswano osudale ukubhekana ngezinqu zamehlo kubaholi .

“Lolu daba ludonse ngisho abantu bangaphandle kanti emazweni aphesheya sekukhulunywa ngalo, ngakho kumele luxazululwe ngokushesha ikakhulukazi njengoba lesi sifundazwe singezinye ezizosingatha imidlalo yeNdebe yoMhlaba,” kusho uPhilip.

Isolezwe: Bazitapele ezitolo bekhala ngendlala

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=5095504

Bazitapele ezitolo bekhala ngendlala

July 23, 2009 Edition 1

BONISWA MOHALEnoCELANI SIKHAKHANE

KUQUBUKE igidigidi enkabeni yedolobha iTheku izolo ngesikhathi iqulu labantu, elizibiza ngabantu abangasebenzi, ligasela ezitolo ezinkulu zokudla lizitapela ukudla okubizayo kanti abanye bebezitika ngakho khona ngaphakathi.

Laba bantu iningi labo obekungabesifazane bathi bangamalungu enhlangano, i-Unemployed Peoples Movement of South Africa.

Izitolo ezehlelwe yilo mshophi kubalwa uShoprite oseBerea Centre, uShoprite okuWest Street noPick ‘n Pay eWorkshop.

Abasebenzi bakulezi zitolo bathi leli qulu elilinganiselwa ku-300 lingene njengabantu abasuke bezothenga ladonsa izinqola lalayisha izinhlobonhlobo zokudla.

Kuthiwa ngesikhathi sebefika lapho kukhokhwa khona badudule abantu abebelinde ukukhokha badlula ngehubo.

Izimpahla abaqinise kuzo ngamafutha, inyama, balayisha noncamnce neziphuzo.

Sebephumile kuthiwa bebememeza bethi iMeya yeTheku, uMnuz Obed Mlaba, nguye ozokhokha ngoba abasebenzi futhi kade babemxwayisa ngalesi simo.

Amaphoyisa athwale kanzima bezama ukubavimba abanye bephucwa ngesidlozana impahla abese beyilayishe ezinqoleni.

UMnuz Bheki Mthombeni, oyisikhulu kwaShoprite obethukile, uthe basazobheka ukuthi balahlekelwe kangakanani njengoba isitole siphenduke umazitapele.

UCaptain Khephu Ndlovu uthe kuboshwe abantu abangu-100 abazobhekana namacala.

Iningi lababoshiwe bekungabesifazane.

UNksz Nozipho Mteshana, okhulumela i-Unemployed Peoples Movement of South Africa okungamalungu abo lawa aboshiwe, uthe kuseyisiqalo lesi basazoqhubeka nokungenela izitolo ngoba uhulumeni akafuni ukulalela izikhalo zabo.

Esitatimendeni esithunyelwe ngabakwa-Shoprite bathe ukwebiwa kwezimpahla ezitolo kubalahlekisela ngezigidi kanti lesi sitolo sivule amacala angu-40 okweba izolo bathi njengoba lolu daba seluphethwe ngamaphoyisa angeke baphawule kakhulu.

Isolezwe: Basolana bodwa ngokusha kwemizi

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=5076141

Basolana bodwa ngokusha kwemizi

July 10, 2009 Edition 1

CELANI SIKHAKHANE

BASOLANA bodwa abantu basemijondolo ekuKennedy Road, eThekwini, ngezigameko zokusha kwale mikhukhu. Bathi imvamisa imbangela yemililo kuba wubudedengu babantu abahlala khona.

Abanye abantu abahlala lapha bathi abashisa imijondolo kokunye basuke bedle amanzi amponjwana, kokunye kuxabene isoka nentombi.

Ngenxa yochungechunge lwezigameko zokusha kwemijondolo, ngisho nezinhlangano ezijwayele ukusiza lo mphakathi uma ushelwe seziqala ukuwushaya indiva ngoba kuthiwa kwenziwa ngenhloso.

Lokhu kulandela izigameko zokusha ezenzeke zilandelana nezishiye inqwaba yabantu ingenayo indawo yokuhlala kanti sekuphume nemiphefumulo eminingi.

Amalungu omphakathi ahlala kule ndawo aveze ukuthi kunabantu abashiya ikhandlela noma isitofu kuvutha balale kube sekuthungeleka umlilo.

Ilungu lomphakathi kule ndawo, elingathandanga ukudalulwa, lithe into ebuye iholele ekusheni kwemijondolo wuphuzo oludakayo olusetshenziswa kakhulu kule ndawo.

“Sekukaningi kwenziwa imikhankaso yokuqwashisa ngezinto ezidala umlilo kodwa abanye abayingeni. Uma belulekwa, bathi abalindelwe ukutshelwa ngokuthi baphile kanjani,” kusho lo mlisa.

Uthe ngenxa yalokhu, ngisho nabantu abajwayele ukubasiza uma kunezinhlekelele sebeze babaduba ngoba bethi imijondolo ishiswa ngenhloso.