Category Archives: umlilo

Inkulumo kaMengameli wa-Bahlali baseMjondolo ngo suku lokugubha ukungakhululeki kwaBahlali

Inkulumo kaMengameli wa-Bahlali baseMjondolo(Sbu. Zikode) ngo suku lokugubha ukungakhululeki kwaBahlali. (Unfreedom Day Rally)

27 Epreli 2011

Mqondisi wohlelo, Sekela Mongameli waBahlali, Sihlalo waBahlali baseMapulazini, Baholi bezenkolo, Izinduna, Kennedy 12, Church Land Program, Streetnet, CHOSA, UPM, South Durban Environment Community Alliance, Student from the SIT, Foreman Road Development Committee, Bahlali baseMjondolo.

 

 




 


UnFreedom Day 2011

Continue reading

Isolezwe: Bakhale ngotshwala kusha imijondolo

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=5672285

Bakhale ngotshwala kusha imijondolo

October 04, 2010 Edition 1

Boniswa Mohale

BAKHALA ngophuzo oludakayo abahlali basemijondolo ekuQuarry Road eThekwini kulandela ukuthi owesilisa okusolwa ukuthi ubedakiwe eshiye ikhandlela livutha lacekela phansi imijondolo engaphezu kuka-200 kwafa abantu ababili.

Ngokusho kukaMnuz Robert Mzobe (62), osekomidini elibhekele ezokuphepha kule mijondolo ngabe lo mlilo awuzange ube khona ukube owesilisa ohlala lapha akashiyanga ikhandlela livutha ngesikhathi eya esipotini.

“Umlilo uqale emjondolo womuntu okade ngibikelwa ngaye ukuthi uphuza ngokweqile. Izolo uye washiya ikhandlela livutha ngesikhathi eya esipotini. Ukube ubengaphuzanga ngabe ukucabangile ukuthi kumele acime ikhandlela uma ephuma endlini. Kufe abantu ababili abangakwazanga ukuvuka ngoba bebephuze kakhulu,” kusho uMzobe.

UDivision Commander Alfred Newman okunguyena ofike nezicishamlilo kule mijondolo uthe lo mlilo uqale entathakusa yayizolo kanti ngesikhathi befika imijondolo ibivele isivutha.

“Sifike ngezimoto ezimbili zokucima umlilo nezintathu ezithwala amanzi, sikwaze ukudambisa amalangabi emuva kwehora elilodwa kanti ukucima yonke into kusithathe amahora amane. Babili abantu abashe bangqonga kulo mlilo abanye bathathwa ngamaphoyisa,” kusho uNewman.

Bangu-1 000 abantu abasele dengwane kanti uphiko lwezezindlu nekhansela bebekhona izolo sebeqale nokunikezela ngokudla.

Ikhansela le ndawo uMnuz Jayraj Bachu lithe abantu abashelwe yizindlu bazolala etendeni elizolethwa wuphiko lwezezindlu kuMasipala weTheku kanti kuzokwazeka namhlanje ukuthi abantu bazosizakala kanjani.

Ngokusho kwekhansela kufanele ukuthi abantu bakule mijondolo kade bazithola izindlu njengoba babe yingxenye yohlelo lukahulumeni lokuqeda imijondolo.

Lithe abanye bahamba bayohlala ePargade naseWilberdatch kanti abanye basala ngoba bethi lezi zindawo zikude nomsebenzi.

Umndeni olahlekelwe yindodana kulo mlilo uthe awunayo imali yokuyingcwaba njengoba kungasebenzi muntu khona kanti ugogo wakhona uthe akazi ukuthi izingane ezifundayo zona zizoze ziye nini esikoleni njengoba kushe yonke into.

Isolezwe: Kufe ababili kusha imijondolo

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=4085037

Kufe ababili kusha imijondolo

July 05, 2010 Edition 1

MLUNGISI MHLOPHE

KUSHONE abantu ababili abashe bangqongqa ngesikhathi kusha imijondolo engaphezu kuka-500 kuKennedy Road, eThekwini, izolo entathakusa.

Yize amaphoyisa ethe kufe abantu ababili kule ngozi kodwa amalungu omphakathi athe bane abantu abashonile.

Siye koshicilela labo abashonile bengakahlonzwa njengoba izihlobo zabo bezingakatholakali.

Lo mlilo, oshiye iningi labantu lisele dengwane kule ndawo, kuthiwa uqale ngehora lokuqala entathakusa.

Ngesikhathi Isolezwe lifika kule ndawo ngabo-9.30 ekuseni bekusashunqa intuthu abezicishamlilo beqedela ukucima.

Abanye abantu bebebeke izimpahla zabo ezisindile eceleni komgwaqo njengoba izindlu zabo bezicekeleke phansi. Abanye bebematasa bezama ukuvusa imizi yabo ukuze bakwazi ukufihla ikhanda.

Omunye wabashelwe yimizi, uNksz Thembeka Hlatshwayo, uthe akazi ukuthi uzolala kuphi nomfowabo omncane onezinyanga ezintathu uNhlanhla njengoba umjondolo wakubo ushe waphela.

“Ngiphaphame ngehora lesithathu entathakusa ngemuva kokuthi ngizwe umsindo abantu bebemeza nathi savuka sabaleka. Sibonga uMdali ukuthi sisindile njengoba sizwa kuthiwa kushone abantu abane ngenxa yalo mlilo,” usho kanje.

UMnuz Sanele Mbambo, naye oshelwe yindlu yakhe, uthe ubeyingxenye yabantu abakhiphe ikhehla nowesilisa emzini yabo ngezikhathi zehora lesithupha ekuseni abashe bangqongqa kulo mlilo.

“Ngesikhathi sibakhipha ezindlini zabo bese bevele beshonile,” kusho uMbambo.

Le ndawo ijwayele ukuhlaselwa umlilo njengoba sekube nezigameko cishe minyaka yonke.

Okhulumela amaphoyisa aseThekwini, uLt Colonel Jay Naicker, uthe amaphoyisa aqaphe isimo kule ndawo.

“Amaphoyisa avundulule izidumbu ezimbili zabesilisa omunye wabo oneminyaka elinganiselwa ku-70 omunye kwengu-34,” usho kanje.

UNaicker uthe bangu-2 000 abantu abasele dengwane ngemuva kokuqubuka kwalo mlilo, wengeza ngokuthi bathole ukuthi umlilo udalwe ukubhamuka kwesitofu sikaphalafini. Uthe kuvulwe idokodo lophenyo.