Category Archives: Mlungisi Mhlophe

Isolezwe: Kufe ababili kusha imijondolo

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=4085037

Kufe ababili kusha imijondolo

July 05, 2010 Edition 1

MLUNGISI MHLOPHE

KUSHONE abantu ababili abashe bangqongqa ngesikhathi kusha imijondolo engaphezu kuka-500 kuKennedy Road, eThekwini, izolo entathakusa.

Yize amaphoyisa ethe kufe abantu ababili kule ngozi kodwa amalungu omphakathi athe bane abantu abashonile.

Siye koshicilela labo abashonile bengakahlonzwa njengoba izihlobo zabo bezingakatholakali.

Lo mlilo, oshiye iningi labantu lisele dengwane kule ndawo, kuthiwa uqale ngehora lokuqala entathakusa.

Ngesikhathi Isolezwe lifika kule ndawo ngabo-9.30 ekuseni bekusashunqa intuthu abezicishamlilo beqedela ukucima.

Abanye abantu bebebeke izimpahla zabo ezisindile eceleni komgwaqo njengoba izindlu zabo bezicekeleke phansi. Abanye bebematasa bezama ukuvusa imizi yabo ukuze bakwazi ukufihla ikhanda.

Omunye wabashelwe yimizi, uNksz Thembeka Hlatshwayo, uthe akazi ukuthi uzolala kuphi nomfowabo omncane onezinyanga ezintathu uNhlanhla njengoba umjondolo wakubo ushe waphela.

“Ngiphaphame ngehora lesithathu entathakusa ngemuva kokuthi ngizwe umsindo abantu bebemeza nathi savuka sabaleka. Sibonga uMdali ukuthi sisindile njengoba sizwa kuthiwa kushone abantu abane ngenxa yalo mlilo,” usho kanje.

UMnuz Sanele Mbambo, naye oshelwe yindlu yakhe, uthe ubeyingxenye yabantu abakhiphe ikhehla nowesilisa emzini yabo ngezikhathi zehora lesithupha ekuseni abashe bangqongqa kulo mlilo.

“Ngesikhathi sibakhipha ezindlini zabo bese bevele beshonile,” kusho uMbambo.

Le ndawo ijwayele ukuhlaselwa umlilo njengoba sekube nezigameko cishe minyaka yonke.

Okhulumela amaphoyisa aseThekwini, uLt Colonel Jay Naicker, uthe amaphoyisa aqaphe isimo kule ndawo.

“Amaphoyisa avundulule izidumbu ezimbili zabesilisa omunye wabo oneminyaka elinganiselwa ku-70 omunye kwengu-34,” usho kanje.

UNaicker uthe bangu-2 000 abantu abasele dengwane ngemuva kokuqubuka kwalo mlilo, wengeza ngokuthi bathole ukuthi umlilo udalwe ukubhamuka kwesitofu sikaphalafini. Uthe kuvulwe idokodo lophenyo.

Isolezwe: Lishiselwe ihhovisi ikhansela le-ANC okuthiwa alifunwa

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=5247838

Lishiselwe ihhovisi ikhansela le-ANC okuthiwa alifunwa

November 17, 2009 Edition 1

MLUNGISI MHLOPHE

Kucekelwe phansi ngomlilo ihhovisi lekhansela eMayville, eThekwini, kungakapheli ngisho amahora angu-24 abantu bakule ndawo bekhononde ngekhansela labo.

Abantu bakule ndawo, eyimijondolo, bathi abasamfuni noma bambone uMnuz Richard Ngema oyikhansela le-ANC.

Izolo Isolezwe libike ngodaba lwabantu bakule ndawo ababe nomhlangano ezinkundleni zemidlalo eMayville ngeSonto lapho kuphume khona isinqumo sokuthi achithwe uNgema ngoba kuthiwa uyahluleka ukuletha izidingo zomphakathi nokuthi ikomidi lakhe lidayisa ngezindlu zomxhaso.

Lo mphakathi uphinde washisa ugandaganda obusesizeni lapho kwakhiwa khona imixhaso, kwashiswa amathayi kwacakazwa nodoti emgwaqeni.

UNgema ukhala ngokuthi kushe yonke impahla ebiphakathi ehhovisi lakhe okuyikhompyutha, umshini we-fax ne-printer.

Uthe izigilamkhuba zivule iwindi lehhovisi lakhe zingaphandle zaphosa into evuthayo kwasha yonke impahla ebiphakathi.

“Ngifonelwe onogada ebusuku bathi babona isixuku sabantu enkundleni yezemidlalo ngabe sengibikela amaphoyisa ase-Cato Manor aphuthuma khona,” kusho uNgema.

Uthe omunye walaba asola ukuthi bebeyingxenye yalokhu umfonele emtshela ukuthi kukhona abahlela ukuhlasela nomuzi wakhe ngalobo busuku.

“Ngiyabona ukuthi nempilo yami ayisaphephile kodwa ngeke ngize ngibaleke endaweni ngoba ngisaba laba bantu,” kusho uNgema.

Okhulumela amaphoyisa ase-Cato Manor, u-Inspector Nkanyiso Mkhize, uthe bazwile ngesigameko sokushiswa kwamahhovsi ekhansela alikho icala elivuliwe okwamanje.

Isolezwe: Bavale imigwaqo emva kokubulawa komsolwa

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=4954593

Bavale imigwaqo emva kokubulawa komsolwa

April 28, 2009 Edition 1

MLUNGISI MHLOPHE

UMPHAKATHI waseLamontville eThekwini izolo uvuke umbhejazane wavala imigwaqo ngamathayi avuthayo ngenhloso yokuveza ukudinwa kwawo ngesenzo samaphoyisa akule ndawo okusolakala ukuthi adubule abulala ilungu lomphakathi ngoba elisola ngokweqa esiteshini samaphoyisa ngeSonto.

Ngesikhathi Isolezwe lifika kule ndawo izolo isimo besishubile njengoba amaphoyisa aze adubula ngezinhlamvu zenjoloba ukuzama ukuhlakaza isixuku sentsha ebivutha ingabaselwe kulandela ukubulawa kukaMnuz Mpho Setlaba (28) okuthiwa ubulawe ngamaphoyisa.

Akekho olimalile ngesikhathi kunokungqubuzana phakathi kwamaphoyisa nomphakathi.

USetlaba kuthiwa udutshulwe ngezithuba zehora lesikhombisa ngeSonto ntambama, kodwa isidumbu sakhe size satholwa izolo ekuseni ngumfana omncane obeziyela esitolo. USetlaba kuthiwa weqe esiteshini samaphoyisa kulandela ukuboshwa kwakhe mayelana necala lokushaya intombi yakhe. USetlaba kuthiwa ushaye intombi waze wayigwaza ngebhodlela emhlane.

Umalume kaSetlaba, uMnuz Tebogo Moshoeshoe, uthe umshana wakhe uthathwe ngamaphoyisa ngeSonto ntambama ngezithuba zehora lesihlanu ngoba emsola ngokulimaza intombi yakhe.

UMoshoeshoe uthe amaphoyisa abuyile ngezithuba zehora lesikhombisa esezothi uSetlaba weqile esiteshini samaphoyisa.

“Ngesikhathi esebuya okwesibili afike akhahlela izicabha esibuza aguduza wonke amakamelo efuna uMpho,” usho kanje.

UMoshoeshoe uthe sibaphethe kabi lesi senzo samaphoyisa.

“Silindele ukuthi amaphoyisa kube yiwona asivikelayo kodwa futhi sidutshulwa yiwona,” kusho uMoshoeshoe.

Unina kaSetlaba, uNkk Paulina Moshoeshoe, uthe akazi ukuthi indodana yakhe uzoyingcwaba ngani njengoba kungasebenzi muntu emndenini.

“Ngisanda kungcwaba enye indodana yami ezinyangeni ezintathu ezedlule manje sekumele ngingcwabe enye,” kubalisa unina kamufi.

Uthe usephelelwe yithemba emaphoyiseni kulandela lesi sigameko.

Okhulumela amaphoyisa kule ndawo, u-Inspector Mhlonishwa Khawula, uthe okwamanje angeke akwazi ukuqinisekisa ukuthi uSetlaba udutshulwe ngobani. “Sizokwazi ukuthi udutshulwe ngubani uma isidumbu sakhe sesibuyile ukuyohlolwa,” usho kanje.

UKhawula uthe umufi ubeboshelwe amacala amabili okushaya ngenhloso yokulimaza.

“Amaphoyisa asematasa ayaphenya ngalesi sigameko,” kusho uKhawula.

Isolezwe: Banqunyelwe okatiki abahlala emijondolo

http://www.isolezwe.co.za/index.php?fArticleId=4923913

Banqunyelwe okatiki abahlala emijondolo

April 06, 2009 Edition 1

MLUNGISI MHLOPHE

UMASIPALA weTheku unqumele ugwayi katiki izakhamizi zasemijondolo kwaDlamini, eNazaretha, ngasePinetown ukuba kuthi kufika uLwesithathu kuleli sonto zibe seziphume zaphela ezindlini zazo ngoba zizobhidlizwa.

UNksz Phumelele Mthethwa (35) nosana lwakhe olunamasonto amabili, uKhulekani Zulu, ngabanye bemindeni engaphezu kweyikhulu esilala obenyoni kulandela ukutshelwa ukuthi bazodilizelwa imijondolo yabo.

Ngeledlule uMasipala udilize imijondolo engu-15 waphinde waxwayisa abantu abahlala lapha ukuthi uzobuya ngaphambi kukaLwesithathu azoqedela eminye esele. Yonke imijondolo edilizwayo kumanje isifakwe uphawu luka-X.

Abanikazi bayo banxusa uMasipala ukuthi ubabekezelele ngesikhathi besafuna ezinye izindawo.

“Sithwele kanzima, asazi ukuthi sizolibhekisaphi njengoba kumele sisuke lapha,” kubalisa uNksz Mthethwa.

Okhulumela uMnyango wezeZindlu kuMasipala weTheku, uMnuz Nigel Gumede, uthe bazoqhubeka nokudiliza le mijondolo ngoba yakhiwe ngokungemthetho.

Uthe le mijondolo yakhiwe endaweni ebekelwe ukuthuthukiswa.

UGumede uthe ngisho nomthetho i-Slums Act osanda kuphasiswa yinkantolo eNkulu yaseThekwini, uyabagunyaza ukuthi bayibhidlize le mijondolo.

Ngakolunye uhlangothi, ezinye izakhamizi kule ndawo zithi le ndawo ngeyobabamkhulu bazo njengoba iningi lazo lithi lazalelwa kuyo.

Okhulumela abahlali kule ndawo, uMnuz Jabulani Phili, uthe abaphikisani nohlelo lukahulumeni lokuqeda imijondolo kodwa abalwa nakho ukukhishwa ngesankahlu ezindlini zabo bebe bengakahlinzekwa ngezinye izindawo.